Avuliwe amasango kwiMamelodi Sundowns, bayanda abaphumayo
By Sbongs Gumbi
Sekucacile ukuthi iMamelodi Sundowns iyakhuculula futhi baningi abadlali abazogcina bekhonjwe indlela abafika ngayo.
Njengamanje bathathu osekuvelile ukuthi ngeke babe yingxenye yaleli qembu eselihlezi lizidlela amahlanga ebholeni kuleli.
Yize kusaqinisekiswe u-Andile Jali kuphela kwabahambayo, kuvela ukuthi noHashim Domingo benoGift Mothupa basendleleni.
Manje iSABC Sport seyibika ukuthi noSurprise Ralani usetsheliwe ukuthi ngeke agcinwe njengoba inkontileka yakhe iphela nje kule nyanga.
Kuthiwa iMamelodi Sundowns ibinombandlela kwinkontileka yakhe wokuthi ingavuselela, yengeze omunye unyaka kodwa yaqoma ukungawusebenzisi.
Lokhu kwenza kucace ukuthi umqeqeshi uRulani Mokwena usefuna ukufaka esakhe istembu eqenjini leSundowns.
Kuvele ke kuphele isizini eseqalile ukusebenzisa kakhulu abafana abasebancane nabazonika iqembu iminyaka eminingi bedlala.
Kulabo kugqame kakhulu uCassius Mailula oneminyaka engu-21 noSiyabonga Mabena oneminyaka engu-16.
Kuthiwa vele ke yiyona ndlela akafuna ukusebenza ngayo uMokwena njengoba ezokhuculula iningi lasebekhulile.
Ngaphezu kwalaba asebevele bededelwe, kusalindeleke nabanye bagencwe yizembe ngaphambi kokuthi iqembu libuyele ejimini liyolungiselela isizini entsha.
Omunye walabo ngu-Erwin Saveedra osayinwe yileli qembu ngesizini edlule kodwa ofike wehluleka ukungena esitayeleni seqembu.
Nakonozinti kungenzeka uDenis Onyango noReyaad Pieterse bangase badedelwe kwazise iMamelodi Sundowns inonozinti abaningi ebibolekile ngabo.
Kuvela ukuthi iMamelodi Sundowns izobuyisa uRicardo Goss ebimbolekise kwiSuperSport United kule sizini.
FUNDA NALA: Lihle impela ikhono ku-Andile Jali, kodwa useshiphe kakhulu
Nasemuva nakhona kungenzeka kuncishiswe kanti abadlali abafana noMosa Lebusa noBrian Onyango kungenzeka badliwe yizembe.
Nasesiswini nakhona izembe lizokhala kanti phambili kokubhekwe bashiye kukhonauLesedi Kapinga ovele wazicelela ukukhululwa.