Sekusele kancane asayine kwiSundowns owase-Argentina
Sekuvele umbiko oshicilelwe yi-website yase-Argentina ethi sekusele amathithize kuphela ukuthi iMamelodi Sundowns ithole umdlali wakuleliya lizwe.
Kubikwa ukuthi uMatías Esquivel, odlala kwi-Athletico Lanus njengamanje uzosayina iminyaka emihlanu kwiSundowns.
Ukuvula isikhala salo mdlali wase-Argentina, kuvela ukuthi kuzodedelwa u-Erwin Saveedra okulokhu asayinwa eminyakeni emibili uyehluleka ukungena esikimini.
Kumanje lo mdlali ulimele kodwa welulamela ngakubo eBolovia. ISundowns onethimba lodokotela abangongoti.
Ukuthi kwenzeka kanjani ke ukuthi uSaveedra kuthiwe akayokwelashwa ngakubo kuyaxaka.
Nokho kuyacaca ukuthi iSundowns yayisinqena ukumazisa nje ukuthi akahambe angabe esabuya.
Manje isikhala sakhe kubadlali bangaphandle sesizovalwa yile nsizwa yase-Argentina okubhekwe lukhulu kuyo.
“ILanús seyifinyelele esivumelwaneni ngokudayiswa kukaMatías Esquivel kwiMamelodi Sundowns yaseNingizimu Afrika,” kusho lo mbiko.
“Okwamanje kusalindwe ukuba kuqedwe konke ngezimvume namaphepha ngalokhu kudayiselana.
FUNDA NALA: UMakaab usonga ukubopha abathi ‘uyimbungulu’
“Kodwa ngokwezivumelwano, lokhu kudayiselana sekuku-90%. Ngokwezingxoxo, lo mdlali uzosayina iminyaka emihlanu.”

