EzakamuvaIbhola

IPirates inqabe nomgadli obefunwa elaphesheya yize inenqwaba

NJabulo Shezi

Kuneqembu laphesheya ebelizimisele ngomunye wabagadli be-Orlando Pirates kodwa yanqaba ngaye yize yona inenqwaba kulo mkhakha. 

Uma sekubuye nabagadli abebebolekisiwe, iPirates izoba nabangaphezulu kuka-11 njengoba ingafuni ukudedela noyedwa. 

Kodwa ke mhlawumbe nalo leli qembu laphesheya likhombe kwenone kakhulu nokuyikho okwenze lachithwa. 

Ngokubika kwabeSABC Sport, iHelsingborgs IF yaseSwedene beyizimisele ngoZakhele Lepasa kodwa yachithwa. 

Lezi zindaba bazixoxelwe ngumqeqeshi weHelsingborgs IF uStuart Baxter okunguye obezihlonzele uLepasa ukuthi engaba wusizo kuye. 

“Ngimbhekile izikhawu ezimbalwa ekwiPirates futhi ngibonile ukuthi akasetshenziswa kuyo,” kuchaza lo mqeqeshi oke wacija iKaizer Chiefs neSuperSport United kuleli. 

“Ngibe sengikhuluma nabantu beSuperSport bangitshela ukuthi nakhona akadlali njalo. Yingakho ngibe sengizibuza ukuthi uzoyaphi kokulandelayo ngoba ngimbona engafike abe muhle eSweden.”

Uvumile ke uBaxter ukuthi leli qembu laseSweden belingeke libe nemali eyanele ukumthenga lo mgadli, kodwa belizocela ukubolekwa yena. 

Uthi iPirates ibatshele ukuthi nayo inezinhlelo ezinkulu ngoLepasa kule sizini ezayo ikakhulukazi njengoba iyodlala kwiCaf Champions League nje. 

“Bengicabanga ukuthi ngoba ngeke sikwazi ukumthenga, bazosiboleka yena ayodlala eqenjini elaziwayo e-Europe. 

“Ubezosisiza silwele ukunyukela esigabeni esiphezulu bese yena ebonwa amaqembu amakhulu ngaleso sikhathi. 

“Ukukhuluma iqiniso nje, bengicabanga ukuthi bazokulalela lokho,” kuchaza uBaxter oke wacija neBafana Bafana kuleli. 

Njengoba iPirates ingafuni nje ukumdedela uLepasa, kungenzeka idedele abanye njengoba kuzodingeka umqeqeshi abe nesibalo azokwazi ukusebenza ngaso.

FUNDA NALA: Kutatazela nogqihile kumenyezelwa eleBanyana Banyana eliya kweyoMhlaba

Ukuthi yibaphi abangadingeki kuzocaca uma leli qembu seliya phesheya eSpain la liyozilungiselela khona isizini entsha ngaphansi kweso likaJose Riveiro. Phela iPirates inenqwaba yabadlali kuyo yonke imikhakha.

Lo mqeqeshi weZimnyama uvele ukhona eSpain kwazise yingakubo ngakho iqembu lizomhlangabeza liyozicijela ngakubo okuzomnika isikhathi esithe xaxa ehlezi nomndeni wakhe.

Abadlali abazosala bengahambi neqembu kulolu hambo kuzobe sekucaca ukuthi abekho ezinhlelweni zabaqeqeshi kule sizini ezayo.