EzakamuvaEzokusubatha

Uyeke eminye imijaho ngoba efuna ukudla iComrades uMthembu

By Sihle Ngubo

UBongumusa Mthembu, waseBulwer, wenze konke ukuqinisekisa ukuthi akukho okumphazamisayo ukuze awine iComrades Marathon ka-2023.

Lo mgijimi uzilungiselele kahle kakhulu ejima eBulwer nase-Underberg, okuyindawo akhulele kuyona. 

Kodwa okunye okubalulekile ukuthi akafunanga ukuba nomhobholo agijime eminye imijaho ngoba ezama ukuthola imali. Ubone lokhu njengento ebingamphazamisa kakhulu.

“Kulo nyaka kuningi okushintshile, nami iminyaka ayimile iyahamba. Ngeke ngiyenze into ebengiyenza ngo-2019 nango-2018, kuya emuva,” kusho uMthembu.

Wakhuluma kanje uBongumusa Mthembu, osewine iComrades Marathon kathathu, ngemuva kokuthi ayebuziwe ukuthi kungani engayigijimi iTwo Oceans Marathon ka-2023 ngo-Ephreli.

“Ngicabanga ukuthi abantu abaningi sebebonile ukuthi uBongmusa ugijimile emasontweni edlule. Ngakho uma ehlakaniphile ngeke akwazi ukugijima iTwo Oceans bese abuye azogijima iComrades,” washo kanje ngaleso sikhathi.

Nebala uUbongumusa Mthembu akazange azihluphe ngeTwo Oceans Marathon, kanti ungomunye wababhekiwe ukuthi badle umhlanganiso kwiComrades Marathon ngeSonto. 

Umjaho wakulo nyaka uzosuka eCity Hall, eMgungundlovu, uyophelela eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini.

“Ngizama ukuthi bhuti wami iTwo Oceans kulo nyaka ngeke ngibe yingxenye yayo. Futhi wena ungowokuqala ukuthola lokho, unenhlanhla. 

“Abanye abaningi bayobona ngayo iTwo Oceans ukuthi uBongmusa akekho. Sesibheke kuyona iComrades kusuka manje,” kugcizelela uMthembu.

FUNDA NALA: IKaizer Chiefs ifuna ukumelulela inkontileka uSifiso Hlanti

Ngokusho kukaMthembu iComrades akumele uyibhayizele usemncane, yingakho nje eluleka abanye abagijimi ukuthi baqale bazijwayeze kweminye imijaho yamabanga amafushane ngaphambi kokuzibophezela kulo mjaho ohlonishwayo emhlabeni.