EzakamuvaIbhola

UMantaye ucacisa ngesinqumo sokushiya i-Ethekwini Coastal FC

SIHLE NGUBO

Ucacisa ngokushiya kwakhe eqenjini umqeqeshi uLindani “Mantaye” Shezi, obecija i-Ethekwini Coastal FC, okuyiqembu angomunye wabaphathi balo.

Kuthuke abaningi kuvela isitatimende seqembu siveza ukuthi uShezi, ongomunye wabaqeqeshi abanamava emazingeni enkulisa, uyalishiya leli qembu.

Abaningi bebebuza ukuthi ulishiya kanjani iqembu lakhe? Ubani onamandla okuxosha yena?

Isitatimende seveze ukuthi: “I-Ethekwini Coastal FC ifisa ukumemezela ukuhamba komqeqeshi uLindani Shezi, nokuqokwa kukaNathi (Ndlalane) njengomqeqeshi wesikhashana.

“Umqeqeshi uNathi uzosizwa umqeqeshi uMabutho Gumede. Sithanda ukufisela ithimba lethu labaqeqeshi okuhle kodwa kule midlalo esele yesizini.”

Impempe ibe seyithinta uShezi, ukuthola ukuthi kungani eshiye iqembu kungalindele muntu.

“Kunomsebenzi engiwutholile engizowenza izinyanga ezimbili,” kuchaza uShezi.

“Ngizobe ngingekho eNingizimu Afrika ngizobe ngiseSwatini isikhashana.

“Ngifuna nalaba bafana abasisizayo bakhule ngoba nami ngakhuliswa kanjalo.”

UShezi uthe akukho okushintshile mayelana nokuphathwa kweqembu kodwa usafuna inselelo entsha.

“Sengimdala sengingathatha umhlalaphansi noma yinini. Yilaphoke laba bafana kumele kube yibona abayibambayo,” kuqhuba uShezi.

“Nami ngakhuliswa oSteve (Komphela) noMandla Ncikazi, ngakho kumele ngikhulise abanye.”

UShezi uthe ngeke aveze ukuthi uyosebenza kuphi eSwatini “ngoba inkontileka angikayisayini.”

“Angisafuni ukuqeqesha lapha kodwa ngizobona ngemuva kwezinyanga ezimbili ukuthi kwenzekani lapho ngiya khona.”

Uveze ukuthi uzolibangisa eSwatini ekupheleni kuka-Ephreli.

UShezi useke waqeqesha kwiDurban Stars, iNathi Lions neLamontville Golden Arrows (iDiski Challenge).