Alicaci ikusasa lomdlali ojinyiswa nezingane kuMaZulu
USandile Zungu akafunanga ukuphumela obala ngokuthi yini le eqhathe uSiphesihle Maduna naMaZulu FC okwenze kwaze kwagcina ngokuthi ajinyiswe ngezingane.
Akushilo uZungu – ongumengameli woSuthu – wukuthi lo mdlali usengaphansi kwabo ngokwenkontileka njengoba izoze iphele ngoJuni wonyaka ozayo.
UMaduna ungomunye wabadlali abebebukeka benekusasa eliqhakazile kodwa osekunezinsolo zokuthi akaziphathi ngendlela elindeleke kumdlali wezinga elikhokhelayo.
Kumanje akasondeli kwakusondela eqenjini elikhulu kuMaZulu kanti uZungu wenqabile ukuveza isizathu esenze ashenxiswe.
“Usengumdlali woSuthu,” usho kanje uZungu kuleli viki uma ebuzwa ngalo mdlali onbeminyaka engu-23.
“Uyajima ngokwemiyalelo yabaqeqeshi boSuthu. (Kodwa) Ngeke abonakale ezinkundleni futhi ngeke ajime neqembu elikhulu.
“Yinto yangaphakathi eqenjini engingeke ngithande ukwanda ngayo ngokokuthi konakalephi. Kodwa yena usengumdlali waMaZulu.”
Nangokuthi ngabe izokwelulwa yini inkontileka yakhe, uZungu akacacisanga.
Njengoba iphela ngoJuni inkontileka, uMaduna usengasayina eyesithembiso nelinye iqembu ngoJanuwari.
Sekuvele ke kuke kwavela ukuthi uselinde leso sikhathi bese eyosayina kwiKaizer Chiefs noma kwiMoroka Swallows eSoweto.
“Ikusasa ngeke uliqagule ngoba inkontileka yakhe izophela maduze. Mhlawumbe sizoyelula, mhalwumbe ngeke.
FUNDA NALA: IChiefs icoshe izifundo ngempumelelo yamaBhokobhoko
“Mhlawumbe uzoya kwelinye iqembu, noma acele ukuhlala lapha kithi. Usekhona la kithi futhi siyamthanda.”