Abakazi sibuya nini isethenjwa seChiefs, uKeagan Dolly
Alfred Ngubane
Sisekude ukubonakala enkundleni isethenjwa seKaizer Chiefs uKeagen Dolly njengoba esagqigqa odokotela abemelapha ukulimala kwangesizini edlule.
Kuze kube manje lo mdlali wasesiswini ohlaselayo ubengakaze aziqeqeshe neqembu, ngokusho komqeqeshi weChiefs uMolefei Ntseki.
Kuzokhumbuleka ukuthi isizini edlule iphele elimele uKeagan Dolly. Bekulindeleke ukuthi aqale ahlangane nabanye abadlali, ajime nabo.
Kodwa okwamanje isimo sakhe asikalungi nhlobo. UKeagan Dolly ungomunye wabadlali abayizithenjwa futhi kubhekwe ukuthi uNtseki akhele phezu kwabo.
Abanye abadlali okbhekwe babe wumgogodla waleli qembu elakhiwa uNtseki ngo-Itumeleng Khune, Sifiso Hlanti noYusuf Maart phakathi kwabanye .
UNtseki uthe okwamanje abanalo ulwazi lokuthi llo mdlali uzobuyela nini ekudlaleni.
UKeagan Dolly ungomunye wabadlali abagqama kakhulu kwiMamelodi Sundowns benoKhama Billiat osanda kushiya kwiChiefs.
Babedlala ibhola elinenkosi phakathi njengoba baze banqoba izicoco okukhona kuzo eseCaf Champions League, Caf Super Cup neseDStv Premiership.
Ekushiyeni kwakhe kwiSundowns waya eFrance la ehlale khona iminyaka emine kodwa izinto zingamhambeli kahle njengoba ayekhuhla ibhentshi.
FUNDA NALA: IRoyal AM necebo elisha lokulwa ekaNurkovic
Nakhona wayephazanyiswa kakhulu yikho ukulimala okwakwenza angakwazi ukubamba umgqigqo owodwa isikhathi eside.