EzakamuvaiNedbank Cup

Isikhulu sonompempe sicacisa ngephenathi yePirates 

Esinye sezikhulu zonompempe ebesikhona emdlalweni waMaZulu FC ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo sesiveze owaso umbono ngephenathi esuse umsindo. 

IPirates ibekelwe iphenathi ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala kade seyilandela ngemuva kulo mdlalo weNedbank Cup. 

UTaariq Feilies ubeme ngemuva kukaMakhehleni Makhaula obehlasela ngesikhathi embamba ehlombe, waqede wawa unompempe wabeka iphenathi. 

Emehlweni abaningi, okubalwa nawomqeqeshi woSuthu uPablo Martin, bekungamele kube yiphenathi leya. 

UMartin uze wenza izinsolo zokuthi njalo uma bebhekene nePirates bahlulwa ngendlela engacacile ngenxa yokwenzelela konompempe. 

Kodwa isikhulu sonompempe ebesikulo mdlalo esicele ukuthi singasidaluli, sithe umbiko wonompempe uyakuveza ukuthi bekuyiyona impela. 

“Ngiwubonile umbiko wonompempe ngabe sengikubhekisisa nokwenzekile, cha impela bathathe isinqumo esifanele.

“Uma ubheka okokuqala, kubukeka kungeyona iphenathi vele,” kusho lesi sikhulu.  

“Kodwa uma sewubukisisa kahle kwividiyo, uyabona ukuthi bamthintile futhi bambamba ehlombe lakwesokunxele uMakhaula. 

“Kukhona nedolo elingena ngemuva kwesokunxele. Noma ngabe kuncane kanjani ukuthintana okube khona, kuba yiphenathi.” 

Siveze nokuthi nabo aboSuthu bazowuthola lo mbiko futhi bazibonele ukuthi nebala unompempe akenzanga iphutha ngokubeka le phenathi. 

IPirates igcine iwunqobe ngo 4-2 lo mdlalo. Usuthu yilo oluhambe phambili ngomzuzu ka-30 ngegoli likaPule Ekstein.

UPatrick Maswanganyi ubuyisele iPirates emdlalweni, evalela phakathile phenathi esuse umsindo ngomzuzu ka-45. 

UKabelo Dlamini ubeke iPirates phambili ngomzuzu ka-58, uTarriq Feilies wabuyisela Usuthu emdlalweni eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-63. 

Nokho uMakhaula ubeke iPirates phambili ngomzuzu ka-80, uMaswanganyi wabuya esezoqedela umsebenzi ngo-90 kwagcina kungu 4-2.