Umdlali weChiefs uvala imilomo yabebembona ‘eseyikhehla’
SIHLE NGUBO
ULebohang Maboe ukhombisa amava amakhulu selokhu eqale ukuthola ithuba lokudlala esiswini kwiKaizer Chiefs kule sizini.
Lo mdlali, oyindodana kaSidwell Maboe, owayedlalela iMoroka Swallows ne-Orlando Pirates, usayine kwiChiefs ngo-Agasti nyakenye.
Abanye babone iChiefs iqhubeka nje nokuwola abadlali asebephelelwe ushatini “ngoba ayizwani nokushaya iphakethe ithenge abadlali.”
Nokho eminyakeni engu-31 uMaboe, oke wadlalela iMamelodi Sundowns neSuperSport United, ubukeka enamava awadinga kakhulu Amakhosi.
Lo mdlali uqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kunabo bonke ngesikhathi iChiefs ibhaxabula i-Orbit College ngo 3-1 emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMsombuluko.
Bese kungokwesine kule sizini uMaboe ethatha umklomelo womdlali ovelele emdlalweni weBetway Premiership.
Amagoli eChiefs ashaywe uWandile Duba, uMduduzi Shabalala noSiphesihle Ndlovu.
Amakhosi ake alandela ngemuva ngo 1-0 kulo mdlalo kodwa akushintsha konke lokho ngaphambi lokuthi kuyiwe ekhafini, uDuba eshaya igoli lokulinganisa.
Ngesiwombe sesibili bese kugiya iChiefs futhi akumangazanga ukuyibona ihlohla amanye amagoli.
Ukunqoba kweChiefs kuyinyusele endaweni yesithathu kwilogi yePremiership, ngoba AmaZulu FC agcine ebambane neSekhukhune United ngo 2-2 khona ngoMsombuluko.
Lokhu kunqoba kweChiefs, okwesithathu kulandelana, kunika abalandeli bayo ithemba lokuthi izobuyela emidlalweni yeCAF ngesizini ezayo, ngokuqeda endaweni yesithathu.
Nakanjani Amakhosi azomdinga ewumqemane uMaboe, okhombisa ukuba yinjini esiswini, emidlalweni ayisishiyagalolunye yeligi esele.
Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neTS Galaxy eFNB Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Ngemuva komdlalo wangoMsombuluko uMaboe ugcizelele ukuthi basebenza kanzima bengabadlali, ngakho bazolwa ngokubambisana emidlalweni yeligi esele.
“Ngiyajabula ngendlela engidlala ngayo. Asizange sidlale kahle emizuzwini yokuqala engu-20 kodwa ngiyaziqhenya ngeqembu, ngendlela esibuye ngayo,” kusho uMaboe kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Besilokhu siphusha futhi besikholwa ukuthi lo mdlalo singawushintsha.
“Lo mklomelo wamukelwa yimina kodwa sidlala sonke ngokubambisana. Mkhulu umsebenzi owenziwe ozakwethu.
“Sibonile ukuthi bese beqala ukukhathala ngesiwombe sesibili sabe sesinquma ukubacindeza kakhulu.”

