Ngabe iPirates kukhona ekufihlayo ngoMbule?
SIHLE NGUBO
Abalandeli be-Orlando Pirates bayazibuza bayaziphendula ukuthi ngabe kwenzekani ngomdlali abamkhonzile, uSipho Mbule, ongabonakali emidlalweni yakamuva yeqembu.
Lokhu sekwenze kwakhona abacabanga ukuthi uMbule, oke wadlalela iMamelodi Sundowns neSekhukhune United, usebuyele ekuhlupheni kwakhe kwakudala.
Lo mdlali alingatshazwa ikhono lakhe kunobhutshuzwayo kodwa yinto eyaziwayo ukuthi ubuye ehlulwe ukuziphatha.
Ngesizini edlule ubebolekiswe kwiBabina Noko esuka kwiSundowns kodwa wangayiqeda isizini kuleli qembu.
Kompetha beligi wasolwa ngokufika ejimini edle amponjwana wamiswa, kanti kusolakala ukuthi uphinde wenza okufanayo kwiSekhukhune.
Kukho konke lokho iPirates imsayinisile lo mdlali, obekubhekwe ukuthi asayine kwiKaizer Chiefs, ekuqaleni kwesizini.
Ufike wadlala kahle kweZimnyama waze wabizwa kwiBafana Bafana, ahambe nayo waya kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ngoDisemba.
Ngemuva kwe-AFCON uMbule ubonakale emdlalweni owodwa kuphela weBucs, lapho ibibhekene neMarumo Gallants ngoFebhuwari 14 nonyaka.
Kulo mdlalo ungene ngesiwombe sesibili, wadlala imizuzu engu-22 yokugcina.
Emdlalweni wePirates neSundowns lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-27, ubesebhentshini.
Emidlalweni emithathu edlule yePirates, uMbule ubengabonwa nangokhalo nokuyinto eshiye imibuzo eminingi.
Ngaphambi komdlalo wePirates neRichards Bay FC ngoLwesithathu, iqembu liphawule okokuqala ngoMbule.
“Umdlali wasesiswini uSipho Mbule ubuyile ukuzolwela indawo esikwatini esizoqala umdlalo, ngemuva kwesikhashana engadlali,” kusho iPirates kwi-website yayo.
Yize kunjalo kodwa uMbule ubengabonwa ngisho ebhentshini ngesikhathi iBucs ishaya iNatal Rich Boyz ngo 2-0, emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu.
Okuqaphelekayo ukuthi iPirates ayikaze ithi ulimele lo mdlali ogqame edlalela iSuperSport United.
UMike Makaab, ophethe izindaba zikaMbule, usanda kucashunwa ethi: “USipho (Mbule) uyalulama ekulimaleni okuncane, usebuyile uyaziqeqesha. Usebenza ngokuzikhandla nomqeqeshi ogcina abadlali beyimiqemane.”
Ngabe iPirates kukhona ekufihlayo ngoMbule?

