EzakamuvaIbhola

ISuperSport seyiqalile ukutheza kwiChiefs, ayizgcinile ngoHappy Mashiane

By Njabulo Shezi

UHappy Mashiane uzobe esegijima eqenjini elisha iSuperSport United ngesizini ezayo ngokwemibiko ephume ngoLwesithathu. 

Kuvela ukuthi uMashiane usayine inkontileka yeminyaka emibili kuleli qembu elicijwa uGavin Hunt. Kunanombandela wokwelula ngonyaka. 

Lezi zindaba ziqale ukubikwa ngabeKick Off ngoLwesithathu ekuseni. Cishe kube lula kuMashiane ukuya kwiSuperSport ngenxa kaHunt. 

Phela ngesikhathi lo mqeqeshi eseNaturena, uMashiane ubengomunye wabadlali abakhela phezu kwabo iqembu lakhe ngakho bazana kahle. 

Kuthe uma ilandela Impempe, yathola ukuthi kusekhona nabanye okungenzeka balandele uMashiane. 

ISuperSport kuthi izibhekile nakuPhathutshedzo Nange okungenzeka naye adedelwe yiChiefs njengoba izokwenza izinguquko kubadlali. 

Lo mdlali wasesiswini wayevele efike ngoGavin Hunt kwiChiefs. Kodwa wafika lo mqeqeshi esexoshiwe, sekukhona uStuart Baxter. 

Ubedlala lapho nalaphaya ngaphansi kukaBaxter, kodwa ku-Arthur Zwane, okunguyena oqeqesha iChiefs njengamanje, ubelizwa ngendaba ijezi. 

Nokhi kuzomele ibeke into ebhekile etafuleni ngoba neSwallows FC kuthiwa iconsa amathe, ilinde ukumnqaka lo mdlali uma etchingwa ngaphandle eNaturena. 

Kuthiwa iSuperSport izibhekile futhi nakubadlali basemuva oThabani Dube noNjabulo Ngcobo nabo okungacaci ngekusasa lalo kwiChiefs. 

IChiefs seyivele isayine izitobha ezimbili – oGiven Msimango noThatayaone Dithlokwe – kanti kulindeleke idedele abanye ababibili ngaphezu kuka-Erick Mathoho. 

UNgobo kuthiwa yena uzimisele ukuhlala kuMakhosi alwele ijezi nangesizini ezayo, okuzobe sekungeyokugcina ngokwenkontileka yakhe. 

Nokho ke iChiefs ibukeka imphika lo mdlali waseSouth Coast njengoba kuthi noma elinikiwe ithuba kodwa abhacaze, enze amaphutha amabi adlisela iqembu. 

FUNDA NALA: Umsinga United usulufakile unyawo lokuqala kwiChampionship

Omunye umdlali ongase alandele uHunt kwiSuperSport nguKgaogelo Sekgota naye ebukeka ingamvumi iChiefs. 

Nokho yena kuthiwa uzobolekiswa okwamanje, ngeke adayiswe noma akhululwe njengalaba abanye.