EzakamuvaIbhola

UHugo Broos uveza okwenze wagabha uLyle Foster kwiBafana

By Sbongs Gumbi

ULyle Foster ngomunye wabadlali okufanele ukube kubathusile abaningi ukusala kwakhe ngaphandle eqenjini leBafana Bafana kaHugo Broos lakamuva. 

IBafana Bafana izobhekana neMorocco emdlalweni wokugcina kweyokuhlunga yeCaf Africa Cup of Nations ngoJuni 17. 

Yize womabili lamaqembu esevele ezibekisele indawo kulo mqhudelwano ose-Ivory Coast, kodwa azimisele ukukhiphana inkani kulo mdlalo. 

Yingakho ke umqeqeshi weBafana uHugo Broos eqoke iqembu eliqinile ngoba uthi akafuni ukwenza iphutha futhi ufuna ukuqinisa ukuzethemba. 

Nokho ukusala kukaLyle Foster okunguye umgadli ophambili kuleli qembu likaHugo Broos noshaye amagoli abalulekile kulo mkhankaso kuyamangaza.

“ULyle Foster ugine ukudlala ngo-Ephreli, sekuphele izinyanga ezimbili engadlali ezingeni lokuncintisana,” kusho uHugo Broos. 

Ubekhuluma ngoLwesine ntambama ngemuva kokuqoka iqembu lakhe azogasela ngalo kulo mdlalo ozoba seFNB Stadium.

“Uma ubhekene neqembu elilula akunankinga, kodwa hhayi uma sibhekene neMorocco. Kube sekungena nocingo oluvela kuVincent Company (umqeqeshi weqembu okudlala kulo uFoster e-England, iBurnley). 

“Ngiyamazi (uKompany) futhi ngimjwayele (badabuka bonke eBelgium), yimi engamyusela eqenjini elikhulu kwi-Andelecht eseneminyaka engu-17. 

“Ucele ukuthi ngeke yini ngamvumela ukuthi agcine uLyle ukuze baqale naye amalungiselelo esizini ngoJuni 5 ekhona. 

“Ngikujabulelile ukuthi ubuze kimi, ngibe sengivuma ngoba vele benginakho ukucabanga ukungamqoki (uFoster). 

“Ngicabanga ukuthi kubaluleke kakhulu kuye ukuthi aqale amalungiselelo esizini entsha neBurnely,” kuchaza uHugo Broos. 

IBurnely yiyo enqobe isicoco seChampionships e-England kanti ngesizini ezayo izobe idlala esigabeni esiphezulu. 

FUNDA NALA: Usophe ukuqopha umlando kwiChippa United uMorgan Mammila

Yingakho seyisheshe yaqala amalungiselelo esizini. Okuxakayo ke wukuthi uBroos ubengamyeki ngani noNjabulo Blom. 

Lo mdlali obegijima kwiKaizer Chiefs usanda kwelulama kwiSt Luis City edlala kwiMajor League e-USA. Naye usazama ukuziqinisela indawo yakhe eqenjini.