UBroos uveza akutshele uMothobi Mvala ngegoli eladla ngakubo
By Sbongs Gumbi
Kufanele ukuthi enye yezinto ezimfakela amahloni kakhulu kunalawa endalo awano uMothobi Mvala wukukhuluma ngegoli asanda kulishaya.
UMothobi Mvala waba neshwa lokushaya igoli ngakubo, nokuyilo elawashisa iMamelodi Sundowns ijezi kwiCaf Champions League.
Wayethi ukhipha umhlolo ekhaya kade kuyibhola elibekwe phansi, kodwa walingqofa laya ngqo enethini yangakubo.
Manje njengoba lo mdlali eseqenjini lesizwe, umqeqeshi uHugo Broos uthi bakhulumile ngalo nalo mdlali yize engasiboni isidingo salokho.
“Akumele ukhulume kakhulu ngento efana naleyo. Yiphutha, kwakuyi-free kick enhle,” kusho uBroos ngoLwesine.
“Ngiyasazi lesi simo, ngangiyisitobha nami futhi uma ibhola liza kanjeya, ugijima ubheke ngasepanili langakini kungenzeka noma yini.
“Wena usuke ufuna ukulisusa ekhaya, impela yena wayesendaweni embi, uthi usagijima kunjalo uthinte ibhola bese ulibone selisenethini.
“Manje ungamsola uMothobi Mvala ngalokho? Cha. Mina ngenze ihlayanyana nje ngakho, ngathi ‘nawe usulishayileke igoli.
“Naye uphendulile nje, kodwa ngaphezu kwalokho lento iyenzeka ebholeni, pho manje kungani kumele sigxile kuyo…”
UMvala ungomunye wezitobha esiqokwe uBroos njengoba ezobhekana neMorocco emdlalweni wokuhlunga weCaf Africa Cup of Nations.
Lo mqeqeshi uchaze nangokushiya kwakhe uGiven Msimango weTS Galaxy obe nesizini enhle kakhulu nobebhekiwe kuleli qembu.
Nokho uBroos uthi lo mdlali wasemuva osemncane akakabi nawo amava okudlala kuleli zinga futhi ngeke amlandele umdlalo onzima kanje.
“Uma umthatha bese engadlali kahle, kobe kuphelile ngaye kwiBafana Bafana ngoba njalo uma kukhulunywa ngayo kuyothiwa uyakhumbula wenzani kwiMorocco…”
Nokho ke njengenjwayelo, lo mqeqeshi ushintshe ukukhuluma ngoBathusi Aubass weGalaxy naye ongenamava kwiBafana.
FUNDA NALA: UBenni McCarthy ufuna iPirates ibuyise ‘umsoco’ weligi kuleli
Yena umthathile, wathi ufika nento ehlukile kuleli qembu lakhe futhi indlela akhulume ngayo kucacile engawuqala lo mdlalo ozayo.