EzakamuvaIbhola

Usophe ukuqopha umlando kwiChippa United uMorgan Mammila

By Njabulo Shezi

Abanye bazomthatha ngokuthi uyaphuphela nje uMorgan Mammila uma bezwa umlando asophe ukuwuqopha kwiChippa United. 

UMorgan Mammila usanda kuqokwa njengomqeqeshi okunguye ozothwala amathemba aleli qembu ngesizini ezayo. 

Kuzobe kungekhona okokuqala ecija leli qembu njengoba eke wabamba nangesizini ezayo kodwa waxoshwa izinto sezibhimba. 

Isizini iphele sekuphethe uLehlohonolo Seema kwiChippa, futhi nguye oyivikise izembe kodwa wakhonjwa indlela ngemuva kwalokho. 

Kubethusile ke abaningi ukubuyiswa kukaMorgan Mammila. Manje lo mqeqeshi uthi usophe ukuba ngowokuqala ukuqala aze ayiqede isizini. 

Leli qembu lidume ngokusheshe limcithe umqeqeshi uma izinto zibhimba ngakho lesi sifiso sikaMammila sibukeka siyiphupho elidinga avuke aphalaze. 

“Kuyohlezi kunesiqalo,” usho kanje lo mqeqeshii kwabeTimesLive kuleli viki ekhuluma ngokubuyela kwakhe kwiChilli Boys. 

“Ngibe ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba imidlalo emine kulandelana kuleli qembu,” kuchaza uMammila obenyimenenja phambilini. 

“Kungani ke ngingeke ngibe owokuqala ukuyiqala aze ayiqede isizini kwiChippa? Kungenzeka.” 

Uthi umsebenzi wakhe uzoba lula ngoba uvele uyabazicishe bonke abadlali bakuleli, ekubeni nosihlalo wakhe uSiviwe Mpengesi unolwazi ngabadlali. 

“Ngeke kube nzima ukuthi sakhe iqembu eliqinile ngoba sisebenzisana kahle nosihlalo. Uma kuziwa kubadlali, siyazi sizobabhekaphi. 

“Ukusebenzisana naye kwenza izinto zibe lula ngoba angimthathi njengomphathi wami, ngimthatha njengomngani ngoba sisebenza kahle ngokubambisana.” 

Njengoba ekhuluma kanjena nje uMorgan Mammila, abanye kuzobamangaza ngoba kubhekwe ukubona ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani. 

FUNDA NALA: Uveza imfihlo yabaseKZN ngeComrades uNkosikhona Mhlakwane

Abanye basola ukuthi ngeke iqale kwakuqala isizini esekhona ngoba uma eke wehlulwa nje emidlalweni yokulungiselela isizini, uzogxalwa.