EzakamuvaIbhola

Kudutshulwe kwabulawa oke wacija iRoyal AM eKapa

Njabulo Shezi

Kubulawe umqeqeshi oke waqeqesha iRoyal AM esenkundleni emidlalweni yezigaba zeSafa eKapa ngeSonto kusihlwa. 

UMike Lukhubeni kubikwa ukuthi ubulawe ngabantu abangaziwa okwamanje abavele bafika badedela inhlamvu, waphelela khona lapho. 

Lesi sigameko senzeke eKhayelitsha la bekunoiimqhudelwano weCoke Cup kanti uLukhubeni ubeqeqesha elinye lamaqembu abedlala kuwo. 

Okwamanje akukaziwa ukuthi uze udutshulwa kabuhlungu kanjena nje kwenzenjani. Kodwa kuvela ukuthi bekungahlangene nebhola. 

ULukhubeni uke wasebenza emaqenjini ehlukene esigabeni esikhokhelayo. Uke wacija iRoyal AM, iReal Kings neSteenberg United kanti ubekhona eMgungundlovu njengoba bekunemidlalo yokuhlunga ye-ABS Motsepe League. 

“ISafa Cape Town isizwile ngesigameko esenzeke kade sekusongwa imidlalo eSite C Lingelethu emqhudelwaneni weSafa Cape Town iCoca-Cola Cup,” isho kanje le nhlangano eyengamele ibhola esitatimendeni. 

“Umengameli, nekomidi eliphezulu, sebazisiwe ngalokhu okwenzekile futhi bazoqhubeka nokuthola ngokuqhubeka kwesikhathi njengoba udaba selungenwe ngabomthetho. 

“Kubalulekile ukuthi sikuveze ukuthi okwamanje kuvela ukuthi ngathi lesi sigameko besingahlangene nezindaba zebhola futhi sicela kudedelwe abomthetho benze umsebenzi wabo.” 

FUNDA NALA: UBenni McCarthy ubhuqe AmaZulu ngokumxosha kwawo

Umengameli weSafa eKapa, uBennett Bailey uthe: “Udlame alunayo indawo ebholeni futhi siyakugxeka kakhulu okwenzekile. 

“Kubalulekile ukuthi abadlali, izikhulu nabalandeli bazizwe bephephile uma besezinkundleni. Sizosebenzisana nabomthetho ukuqinisekisa ukuphepha.”