EzakamuvaIbhola

IKaizer Chiefs seyivuselele uthando lwayo lo mdlali we-Al Hilal

Njabulo Shezi

Ziyaqina izinkulumo zokuthi iKaizer Chiefs isibuyele kumdlali we-Al Hilal eyayimshela kudala njengoba ifuna ukuqinisa iqembu nje ngesizini ezayo. 

IKaizer Chiefs ivele ike yazama nakudala ukuthola lo mdlali kodwa yachithwa njengoba i-Al Hilal adlala kuyo beyimdinga nayo ngaleso sikhathi.

Naye uFabrice Ngoma ubengekho nkamunkamu ngaleso sikhathi kwazise i-Al Hilal idlala kwiCaf Champions League. 

Lokhu bekumnika ithuba lokubonwa amaqembu aphesheya ukuze amlande ayodlala khona njengoba lokho kuyisifiso sabadlali abaningi. 

Kodwa manje kuvela ukuthi i-Al Hilal isingamdedela lo mdlali njengoba ixakwe yizimpi ezweni layo iSudan. 

Ngenxa yezimpi, leli qembu libakhululile ukuthi babuyele emakubo okwesikhashana abadlali bangaphandle isabela ukuphepha kwabo. 

Manje lokho kuzokwenza ukuthi isheshe ivume uma kukhona iqembu elivelayo elifuna omunye walaba badlali bayo. 

Kanti Impempe seyothole ngandlebenye ukuthi iKaizer Chiefs seyitsheliwe ngalokhu futhi ikuvezile ukuthi isangamjabulela lo mdlali. 

“IChiefs ifuna umdlali wasesiswini onamava okuzonika abafana abasebancane ithuba lokkuthi bafunde kahle bengenayo ingcindezi,” kusho umthombo. 

Uveze nokuthi kuzodedelwa abadlali abambalwa basesiswini kuleli qembu, okukhona kubo oCole Alexander, Phathutshedzo Nange, George Matlou noKamohelo Mahlatsi.

“Njengoba kuzohamba uCole nje, ekubeni uSiyethemba Sithebe naye ubengadlali ngendlela egculisayo, sebefuna ukuqinisa ngoNgoma.”

Kuvela ukuthi lo mdlali odabuka eDemocratic Republis of Congo akanaqembu njengamanje njengoba inkontileka abekuyo naleli qembu laseSudan iphele ngoMeyi 31.

Lo mthombo uveze nokuthi umkhankaso wokufuna abagadli kuleli qembu uqine kakhulu futhi sekubhekwa nangaphandle kwakuleli.

Uthe uke wezwa kubalwa amagama abagadli abafana no-Etiosa Ighodaro, Ranga Chivaviro noFiston Mayele kulabo abangase balandwe. 

FUNDA NALA: Isililo kushona uClive Barker owayecija iBafana Bafana

“Baningi ke nabanye abalethwayo ngoba sekuyaziwa ukuthi leli qembu lifuna umgadli. Kodwa kulokhu kuzobhekisiswa ukuze singaphindi esikaBimenyimana.”