Usifezile isifiso sakhe ngeComrades Marathon uTete Dijana
Alfred Ngubane
UTete Dijana nguye umpetha weComrades Marathon njengoba eseyinqobe okwesibili kulandelana okuyinto eyivela kancane.
Ngaphezu kokunqoba lo mjaho, uTete Dijana uphinde wephula nerekhodi elaliqoshwe ngo-2016 nguDavid Gatebe lika-5:18:19.
UDijaba yena wenze u-5:14:01 ngeSonto ekuseni enqoba lo mjaho abevele ekushilo ukuthi usophe ukuwenza owakhe kule minyaka embalwa ezayo.
Le nsizwa yaseNorth West izolala seyinesizumbulu sika-R1.2-million ngokudla lesi sicoco seComrades.
Uzothola uR500 000 wokunqoba, uR500 000 wokwenza isikhathi esihle, noR200 000 wokuba ngumgijimi wokuqala wakuleli ukushaya intambo.
Umjaho uwuqale kahle engatatazeli njengoba uke waholwa ngu-Ayanda Ngcobo eside isikhathi.
Nokho umfokaMapholoba ubuye waphelelwa amandla sekumaphakathi nawo umjaho, wabonakala esezincengela kancane ebonakala ukuthi usedelile.
Kulapho kube sekuqala kucaca, kuphuma izinkunzi zihamba phambili. UTete Dijana ugcine ephuma ezihola futhi ukwazile ukubamba lowo mgqigqo waze wayongena eKingsmead Stadium, eThekwini.
Nokho ukube umjaho ubusaqhubeka, ubengazithola esenkingeni njengoba uPieter Wiersa ubemhlezi ezithendeni.
Le nsizwa yaseHolland isale ngemizuzuzwana eyisithupha kuDijana. Endaweni yesithathu kungene u-Edward Mothibi.
FUNDA NALA: IKaizer Chiefs seyivuselele uthando lwayo lo mdlali we-Al Hilal
Kwabesifazane kube nguGerda Steyn othatha amehlo njengoba ephule irekhodi leminyakanyaka elalibekwe nguFrith Van Der Merve ngo-1989.
Leli rekhodi lika-5:54:43 kanti uSteyn ushaye u-5:44: 54 okusho ukuthi ulishaye ngemizuzu eyishumi yonke.
Ulandelwe u-Adele Brookes obephume endaweni yesithathu ngonyaka odlule. Wenze u-5:56:26.