UBenni McCarthy ubhuqe AmaZulu ngokumxosha kwawo
Sbongs Gumbi
Ubonge AmaZulu FC ngokumxoshwa kwawo uBenni McCarthy, ewaklolodela ngokuthi usesendaweni engcono ekubeni wona sekubheda kakhulu kunakuqala.
AmaZulu aqede isizini endaweni ka-12 kwiDStv Premiership esecijwa u-Ayanda Dlamini owayedediswe ngesikhathi kuzofika uBenni McCarthy kulesi sikhundla.
Ngesikhathi exoshwa uMcCarthy kwabe sekuqashwa uBrandon Truter. Naye ube esexoshwa maphakathi nesizini edlule, kwalandwa uRomain Folz.
Naye akazange ahlale isikhathi esitheni njengoba isizini iqedwe uDlamini, naye osekuvele ukuthi ngeke aqhubeke nalo msebenzi ngesizini ezayo.
UBenni McCarthy yena usengumqeqeshi wabadlali abahlaselayo kwiManchester United futhi wenza umsebenzi oncomekayo ngaphansi kuka-Erik Ten Haag.
Waxoshwa kuMaZulu kungazelele muntu njengoba wayekade ebonakala ewakha, ewenza iqembu elingcono.
Wayekade ewaqedise endaweni yesibili ngesizini eyandulela le axoshwa ngayo. Wahamba sekumuncu njengoba kwakubikwa ukungahoshelani nabathile ngaphakathi eqenjini.
Uvumile ke naye ngesikhathi ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide kuleli viki ukuthi kunabantu ngaphakathi ababexova izinto.
“Bekubuye kufane nokuthi unezitha khona ngaphakathi eqenjini,” usho kanje lo mqeqeshi owayengumgadli ongalibheli ipali ngezikhathi zakhe.
Ube esebhuqa AmaZulu, ethi ulapho ekhona nje yingenxa yokumxosha kwawo futhi wona asebuyele kulo mbhedo ayewafice eyiwo.
“Buka mina manje. Kumele ngibabonge ngoba ukushiya kwami kwanginika ithuba lokuba sekhaya (unomuzi eScotland, la kuhlala khona umkakhe nezingane zabo).
FUNDA NALA: Usifezile isifiso sakhe ngeComrades Marathon uTete Dijana
“Kwangivulela nethuba lokuthi ngiyoba ngumqeqeshi eqenjini elikhulu kwiManchester United futhi AmaZulu wona asebuyele la ayevele ekhona ngaphambi kokufika kwami.”
Uthe yena wayenamacebo amahle okukhulisa Usuthu futhi uyabona ukuthi yikhathi umengameli weqembu, uSandile Zungu ewasebenzisa manje.