EzakamuvaIbhola

Imenenja iveza ukuthi uLebese wachiza kanjani efunwa eTurkey

UGeroge Lebese washiya imenenja yabadlali uJosiah Mphono engazi achaze athini eqenjini laseTurkey elalifuna lo mdlali kodwa wajika endleleni esebheke kulo. 

Lo mdlali wayevutha engabaselwe kwiKaizer Chiefs ngaleso sikhathi futhi eyinyama emaqenini amaningi. 

Kodwa inkontileka yakhe kwase kuseduze iphele. UMphono wabe esemzamela eqenini laseTurkey elakhombisa ukuthi lingakuthakasela ukumthola. 

“Saba nesicelo ngoGeorge. Isicelo sokumsayina esasivela eqenjini laseTurkey sibhalwe phansi,” kusho uMphono. 

“Ngahamba ngayohlangana noGeorge, ngambekela ngalesi sicelo. Wezwakala ekuthakasela lokhu. 

“Ngathi, ‘hhayi kulungile ke sizosebenza’. Ngahamba ngayolungisa konke. Basithumela isicelo, asibone uGeorge kodwa bese ethi imali incane, asisibuyisele emuva. 

“Ngakhuluma neqembu labuya seliza nesicelo esifanele seminyaka emithathu esihambisana nesibonelelo sendawo yokuhlala nesemoto… Sasisihle. 

“Avume (uGeorge) ukuthi uzosayina, anginike nekhophi yephasiphothi yakhe. Uyabona uma umuntu ekunika ikhophii yephasiphothi, kusho ukuthi uyavuma. 

“Ngathola nekhophi yenkontileka yakhe neChiefs ngayinika abammeli engangisebenzisana nabo ukuthi bayibukisie. 

“Bathi ayinankinga, iyaphela yize inombandlela wokwelula, kodwa lowo mbandela awusicindezeli kakhulu. 

“Ummeli wathi uma engakasayini kwenye indawo inkontileka yesibambiso, kusho ukuthi kusihambela kahle. 

“Savumelana ukuthi yonke into ihamba kahle, sizohamba kuyiSonto siyosayina eTurkey. Senza konke. 

“Sabhukha amathikithi endiza, sathola nendawo yokuhlala. Konke. Savumelana ukuthi ngizomlanda ngeSonto ekuseni bese ngishiya imoto yami esikhumulweni sezzindiza sihambe.”

Kulapho ke izinto zajika khona, uMphono wasala ebukeka njengesiphukuphuku eqenjini laseTurkey engasafiki nomdlali.  

“NgoMgqibelo ngangithi ngiyamfonela ukuqinisekisa ukuthi njalo ngakusasa ekuseni kuyasuka lokho…

“Angangabe ngisamthola efonini. Angisamtholi ke lo muntu. Ngiyafona lutho, angimtholi. 

“Nakubo bayazama ukumfonela… Yonke into yayisiqondile. Iqembu lisamukele, amathikithi endiza nendawo yokuhlala sekukhokhelwe.” 

ULebese – osegcine ewagaxe emgibeni amakhokho ngoba engasalitholi iqembu azodlala kulo. 

Washiya kwiChiefs waya kwiMamelodi Sundowns kodwa wafika khona ijezi laphenduka abakhwekazi. 

FUNDA NALA: IPirates ezinhlelweni zokubolekisa ngomdlali ngoJanuwari

Wagcina eye phesheya e-US, kodwa nakhona washeshe wabuya kulandela ukuqubuka kweCovid-19 eyamvimbela ukubuyela khona.