EzakamuvaIbhola

ULebo Manyama usememezele ukuthi uyaliyeka ibhola

Njabulo Shezi

Ukulimala okungavumi ukuphola sekuphoqe isihlabani sebhola laseNingizimu Afrika, uLebogang Manyama ukuba siliyeke ibhola elikhokhelayo. 

ULebo Manyama, oneminyaka engu-32, walimala kanzima edolweni ngesikhathi esezophelelwa yinkontileka kwiKaizer Chiefs. 

Lezi zindaba zishiye abalandeli nabanye abadlali bedabukile njengoba uLebo Manyama ebedume ngethalente namagalelo akhe emaqenjini amaningi adlale kuwo. 

Emaqenjini adlale kuwo singabala i-Ajax Cape Town, yiSuperSport United, yiCape Town City neKaizer Chiefs. Uke wathi qu naphesheya. 

Esitatimendeni esishiye abaningi benozwelo, uManyama uzwakalise ukuphoxeka kwakhe okukhulu ngokuqeda uhambo lwakhe lokudlala ibhola elikhokhelayo. 

Uthe, “Namuhla wusuku olubuhlungu kakhulu kimina njengoba kufanele ngivale isahluko sokudlala ibhola empilweni yami.”  

Ukuyeka kwalo mdlali wasesiswini onekhono kulandela ukulimala edolweni, ngeshwa okumenze wangakwazi ukuqhubeka nokudlala lo mdlalo awuthandayo.

Ikhono likaLebo Manyama, elifaka ukukwazi ukubona izikhala nokushaya amagoli kumenze isithandwa sabalandeli emaqenjini adlale kuwo. 

Njengoba uManyama evalelisa enkundleni yebhola, abalandeli kanye nozakwabo ngokufanayo bamesekile futhi bathumela imiyalezo yokubonga ngamagalelo akhe. 

FUNDA NALA: UCele uzimisele ngokudla ese-Engen Knockout Challenge

Nakuba ukushiya kwakhe kusho ukuthi ngeke esadlala, kunethemba lokuthi uManyama uzothola enye indlela yokusebenza ngebhola. 

Ushiya nje uManyama ubeke wazicija neCity njengoba ebezama ukubuyeka ebholeni. Usihlalo weCitizens, uJohn Comitis wayethe uma bethola ukuthi useluleme ngokugcwele, bazomsayina.