EzakamuvaIbhola

UWelcome Mpanza woMsinga United ucacisa ngokudubula kwaseHarry Gwala

Alfred Ngubane

Usephumele obala, wahluba udlubu ekhasini usihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza kulandela isigigaba sokudubula eHarry Gwala Stadium ngempelasonto. 

Kwaba nesixakaxaka kule nkundla, kwaqhuma nenganono kulandela ukuthi kwehlulwe Umsinga United ngo 1-0 yi-Orbit College. 

Lokhu kwehlulwa kwakusho ukuthi Umsinga uphuthwa yithuba lokungena kwiMotsepe Foundation Championship njengoba yayisisala kweyokuhlunga. 

Kwavela ukuthi ngabalandeli boMsinga abebedubula ngoba becasulwe wukuhlulwa kweqembu labo. 

Kwathiwa bebesola izinqumo zonompempe futhi babefuna ukushaya bona njengoba baze bangena ngenkani nje enkundleni. 

Kodwa engxoxweni abe nayo neMpempe uWelcome.Mpanza uyakuphika lokhu, ube esechaza ke ukuthi yasuka kanjani. 

“Indaba yaqalwa ngabantu ababili okungumpathi wonogada nomlandeli woMsinga United abaxabana ngingazi ke babebangani. 

“Lo mphathi wonogada kwabe sekuba nguye ke odonsa isibhamu kwabe uzisusele ke. Babe semnamathela nabanye abalandeli,” kuchaza uWelcome Mpanza.  

Lokhu kwenzeka ngesikhathi  uMsinga United uqeda kuhlulwa kanti abalandeli babenganeme ngezinqumo zikanompempe owayephethe umdlalo. 

“Onogada yibo abadubula kuqala, beshaya emoyeni. Omunye wabalandeli wadubula ngoba  ephebezela abalandeli boMsinga onogada, efuna baqhele.” 

UWelcome Mpanza uphinde waveza ukuthi bangalemukela icala lokungaziphathi kahle kwabalandeli babo ababephosa izinto enkundleni. 

Khonamanjalo, uKwenzakwakhe Ngwenya ongumphathi weSafa KwaZulu-Natal utshele Impempe ngohlelo olulandelwa uma isifundazwe sisingethe imidlalo yalolu hlobo. 

ISafa nayo yasolwa ngalesi sigameko ngokuthi ihluleke ukuhlela kahle ezokuphepha kulo mqhudelwano. 

UNgwenya uthi umkhandlu waseMgungundlovu obubhekelele ezokuqapha ezinkundleni  zezemidlalo nokunye . 

Uphinde wahlaba isenzo sokungaseshwa kwabalandeli uma bengena enkundlnei. Uvumile ukuthi lo mkhandlu waba nobudedengu obukhulu ngokungatshali onogada abenele. 

“Onogada bebancane ngempela, bekungathi akukho mdlalo. Bekumele onogada baphakwe ngobuningi ngoba bekudlala iqembu lasekhaya.

“Bekungenzeka lihlulwe  bese kuxoveka umdlalo,” kuchaza uNgwenya. Uphinde waveza ukuthi basaqoqa ubufakazi bonke njengamanje.

FUNDA NALA: Isingene umbango wochithwa AmaZulu iKaizer Chiefs

Uma sebeqedile, bazoke sebebuthumela ekomidini eliqondisa ubugwegwe. Kunemibuzo ke nangokuthi onogada abahlomile babebekwa yini enkundleni yezemidlalo.