EzakamuvaIbhola

UMolatedi ukhala ngesinongo esiwuKeagan Dolly kwiChiefs

UTshepo Molatedi, owaduma leKaizer Chiefs ubona ukubuya kukaKeagan Dolly kuyizovusa iKaizer Chiefs. 

Uthi isipiliyoni sikaKeagan Dolly siyadingeka njengamanje eqenjini ukuze laba bafana abasebancane bakwazi ukukhuliseka. 

UDolly usand akubuya ekulimaleni okumhlalise ngaphandle isikhathi eside futhi ubengakadlali kule sizini.

“La badlali abakhona manje badinga uDolly ngenxa yesipiliyoni sakhe ukuthi abavuse bakwazi ukudlala bashaye namagoli. 

“UDolly uyakwazi ukuqala iminyakazo esiswini ehlaselayo. U-Edson Castillo kuzokwenza athole kahle uzinzo akhululeke, ahlasele kahle. 

“UPule Mmodi naye kuzomvulela amathuba amaningi wokuthi ashaye amagoli aphinde asize nabanye abagadli ukuthi bashaye amagoli.” 

UMolatedi uthi iqembu liza kahle ngaphansi kukaMolefi Ntseki, futhi selishoda kancane ukuthi liqale ukuthola imiphumela emihle. 

“Laba bafana bayadlala kodwa kushoda isipiliyoni kubona sokuqedela iminyakazo emihle abayiqalayo. 

“Ngicabanga ukuthi sizobona manje ukuthi ngempela uJasond Gonzalez ungumgadli onjani, ngoba uKeagan Dolly uzomveza obala ngamaphasi amahle azomnika wona. 

“Okwamanje akekho osakwazi ukumkhiphela amaphasi futhi akukho asasinike khona okungenza simjabulele. 

“Ngicabanga ukuthi amabhola ubengakawatholi ngendlela efanele njengoba asikamboni ekhahlela ipali. 

“Naye sekumele manje alithole igoli lokuzibika eqenjini elikhulu njengeKaizer Chiefs… 

“Manje ngibona umthwalo ukhona kuyena kodwa uDolly mhlawumbe uzomethula wona ngokumsiza ashaye amagoli,” kubeka uMolatedi.

FUNDA NALA: IStellenbosch izovala isikhala sikaMthethwa ngoMthiyane

IChiefs izobhekana neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesithathu ngo-7.30 kusihlwa.