UDoctor Khumalo uthi uClive “The Dog” Barker ubengubaba kubo
UClive “The Dog” Barker uzohlale ekhunjulwa njengomqeqeshi owenza kahle kunabo bonke eqenjini lesizwe iBafana Bafana, ikakhulukazi ngo-1996.
Lolu qweqwe lomqeqeshi ludlule emhlabeni ngoLwesihlanu (mhlaka 10 kuJuni) ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana impela.
U-The Dog, owanikwa leli gama ngenxa yesibongo sakhe esithi Barker (okuchaza ukukhonkotha ngesiNgisi) esedlala ibhola, uphinde washiya umlando omuhle kuMaZulu FC lapho eke waqeqesha khona amahlandla amahlanu ngokwehlukana.
Usuthu lwagcina ukuwina indebe ngo-1992 kanti ebhentshini kwakuhleli yena uBarker. Ngalowo nyaka AmaZulu ashaya iKaizer Chiefs ngo 3-1 kowamanqamu aqukula indebe yeCoca-Cola Cup.
Ukwenza umsebenzi omuhle kuMaZulu kwaholela ekutheni uBarker abalwe nabaqeqeshi ababenza kahle eNingizimu Afrika ngaleso sikhathi.
Izwe libuyiselwe ekudlaleni imidlalo yomhlaba ngo-1992 kanti uMzansi uzithole unenhlanhla yokusingatha i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.
Sekungumlando (ongasoze walibaleka) ukuthi iBafana yawina indebe ye-Afcon iqeqeshwa nguye uBarker. Yacoboshisa iTunisia ngo 2-0 kowamanqamu eFNB Stadium. Namanje abaseNigeria basakhuluma indaba yokuthi iNingizimu Afrika yayingeke iyiwine i-Afcon ukube yona yayikhona kulo mqhudelwano.
“UClive Barker wayengeyena nje umqeqeshi kodwa wayefana nobaba kithina ngoba wayeseluleka ngezinto eziningi.
“Yingakho nje wawukhipha lonke ibhola lakho uma ekubophele esikimini ngoba ufuna ukumbonga ngakho konke ayeyikona kuwena njengomdlali,” kusho uDoctor “16V” Khumalo ekhuluma neZindaba Zethu ngoMsombuluko ebusuku.
IBafana ibe isihlala esicongweni e-Afrika ezilinganisweni zeFifa ngemuva kokuwina i-Afcon ka-1996. Uphinde wazakhela igama uBarker efaka iBafana kwiNdebe yoMhlaba ka-1998 eFrance.
Alisoze lilibaleke igoli likaPhilemon “Chippa” Masinga alishaya eFNB Stadium ngo-1997 iBafana ibhekene neDemocratic Republic of Congo.
Yilo leli goli elaqinisekisa indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-1998 kubafana baseMzansi.
Alikhoke isoka elingenasici ngakho noClive “The Dog” Barker wake wazithola enyamanambana kubalandeli bebhola baseMzansi ayekade engaconsi phansi kubona.
Wasolwa kakhulu ngokukhipha uDoctor Khumalo iBafana ibhekene neBrazil lapho yayihamba khona phambili ngo 2-0.
Kulowo mdlalo iBafana yagcina the ishaywe ngo 3-2 kanti uBarker walivuma iphutha lakhe lokukhipha uKhumalo.
UBarker akabange esaya kwiNdebe yoMhlaba eFrance neBafana njengoba esula emsebenzini esebhanoyini bebuya kwiFifa Confederation Cup abangenzanga kahle kuyona.
Okunye okwavela ukuthi iSouth African Football Association (Safa) yenqaba ukukhuphulela uClive Barker imali okuthiwa wayefuna u-R50 000.
Nokho le nhlangano ibisikhokha enkulu imali le ngemuva kwalokho, iBafana seyiqeqeshwa abaqeqeshi bangaphandle.
Phakathi kwamanye amaqembu aseke aweqeshwa uBarker singabala iMaritzburg United, iMpumalanga Black Aces, neBidvest Wits.
UBarker ungowesihlanu ukudlula emhlabeni kulabo ababa nesandla ekuwineni i-Afcon ngo-1996. Kuqale kwashona uSizwe Motaung, kwalandela uPhil Masinga noJohn “Shoes” Mosheou, kanti bekusanda kufihlwa uJohn “Dunga” Moeti.
FUNDA NALA: Usephenduke inyama umgadli weDowns, iChippa ifuna ukumgcina
Bonke sebeyohlangana phambili bayimungunye bayijabulele eka-1996 lapho benza isizwe saziqhenya ngabo. Lala uphumule Clive “The Dog” Barker.