EzakamuvaIbhola

Kugcine kuzilungele eBotswana ‘izinkhakha’ zePirates

Njabulo Shezi

Bazoqhubeka nokudlala eqenjini elinyukele esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo eBotswana abadlali bakuleli ababili abazakhela igama kwi-Orlando Pirates. 

Bekuke kwanokungabaza ukuthi bazoqhubeka yini oRooi Mahamutsa noSifiso Myeni kuleli qembu kulandela umthetho omusha oshaye eBotswana. 

Ngokwalo mthetho, umdlali wangaphandle ozodlala kumaligi ezigaba ezikhokhelayo kumele kube ngoseke wadlala amahlandla ayishumi eqenjini lesizwe ngakubo. 

Nokho iqembu lalezi zinkakha zePirates, iVTM FC selimemezele ukuthi bazohlala kulo futhi bazodlala nangesizini ezayo. 

OMahamutsa noMyeni badlale kahle kuleli qembu futhi babenesandla ekutheni ligcine likwazile ukunyukela esigabeni esiphezulu. 

Ligcine liqede endaweni yesibili kiFirst Division eBotswana, lisalele ngephuzu kweliqede lisendaweni yokuqala. Womabili enyukele esigabeni esiphezulu. 

“IVTM FC ifisa ukwazisa bonke abanentshisekelo ngayo ukuthi uSifiso Myeni noRooi Mahamutsa bazobuyela eqenjini ngoJulayi 26. 

“Bazobe sebejoyina iqembu emalungiselelweni esizini ka-2023-24 yePremier League,” kusho leli qembu esitatimendeni. 

“Laba bobabili bazoba yingxenye yeVTM njengoba iqembu liqala ikhasi elisha. Sibonga abalandeli bethu ngokubenza bazizwe besekhaya eBotswana.”

Akukacaci ke nokho ngabanye abadlali abathathu bakuleli abasanda kuzitholela amaqembu eBotswana – oThabo Rakhale, Tsepo “Skhwama” Matete noSiphamandla Sangweni. 

Bobathathu laba bebethole itoho eqenjini elikhulu laseBotswana iTowship Rollers ezodlala neKaizer Chiefs owokuzwana amandla ngoMgqibelo. 

Bona lo mthetho omusha uyabakhahlela kodwa iTownship Rollers yayigcine ithe izobalwela ngoba waphasiswa sebevele besayinile kuyo. 

FUNDA NALA: Amanzi angene endlini inkantolo ichitha iRoyal AM

Uma kuwukuthi kwagicna kubalungele, abalandeli bakuleli bazobabona uma iRollers seyibhekene neChiefs kulo mdlalo osubhekwe ngabomvu.