EzakamuvaIbhola

IYanga iveza ukuthi isimkhululile uNasreddine Nabi ofunwa yiChiefs

Sbongs Gumbi

Sekuvele okusha ngodaba lokufuna umqeqeshi omusha kweKaizer Chiefs njengoba iYoung Africans seyimkhululile uNasreddine Nabi ofunwa yileli qembu. 

Kuvela lokhu nje Impempe isanda kubika ukuthi iChiefs seyimtshelile u-Athru Zwane ukuthi umsebenzi uphelile. 

UNasreddine Nabi bekunemibiko yokuthi uxoxa neChiefs ngokuzoyiqeqesha ngesizini ezayo kodwa bekunombandela awubekile ophazamisa izinto. 

Lo mbandela bewuthi ufuna ukufika nethimba lakhe labazomsiza kulo msebenzi wokutakula lo mkhumbi ominzayo waseNaturena. 

IChiefs beyifisa amgcine uZwane. Kodwa manje kubukeka seyigcine ilugobile uphondo, yamdedela uZwane ukuze uNasreddine Nabi angene kahle. 

IYanga ikuqinisekise ngoLwesithathu ebusuku ukuthi lo mqeqeshi uyashiya kuyo njengoba ecele ukuyofuna inselelo entsha. 

“Ubuholi beYoung Africans bufisa ukwazisa umphakathi ukuthi sebuvumelene nomqeqeshi uNasreddine Nabi ngemuva kokuthi ecele ukuthi ingavuselelwa inkontileka yakhe. 

“Inkontileka kaNabi kwiYoung Africans iphela ekupheleni kwale sizini (ngoJuni),” kusho leli qembu esitatimendeni. 

“Ngemuva kokuphela kwenkontileka, ubuholi beYoung Africans bube nomhlangano noNabi ukuxoxa ngenkontileka entsha. 

“Kodwa uNabi ucele ukuhamba, wathi ufuna inselelo enstah. Ngesikhathi eqeqesha iYoung Africans, uNabi uwine kabili isicoco seNBC Premier league, kabili ese-Azam Federation Cup, kabili eseNational Shield, wafikisa neqembu kowamanqamu kwiCaf Confederation Cup. 

FUNDA NALA: Okusha ngo-Arthur Zwane, kuthiwa izembe selikhalile

“Iqembu liyambonga ngalokhu. Liyambonga nangakwenzile kulesi sikhathi esebezna eqenjini futhi limfisela okuhle lapho eya khona. 

“Ngaphezu kwalokho, ubuholi beYoung Africans sebuwuqalile umkhankaso wokufuna umqeqeshi ozovala isikhala sikaNabi.