EzakamuvaIbhola

Ubona kumele kuqalwe kabusha kwiChiefs uRobson Muchichwa

Sihle Ngubo

URobson Muchichwa, owake wagijima kwiKaizer Chiefs, uthi leli qembu laseNaturena lidinga umqeqeshi osezingeni nabadlali abasezingeni eliphezulu.

Ukhuluma kanjena nje uRobson Muchichwa ubebuzwe yintatheli yeMpempe ukuthi ngabe yini engavusa Amakhosi ekuhuqeni ubuthongo nokubhacaza, njengoba sekubukeka kusele igama nje kuphela kuwona.

“Umbuzo olukhuni lo kodwa ngicabanga ukuthi sidinga okungcono kakhulu eqenjini lethu. Mhlawumbe sidinga nomqeqeshi osezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uMuchichwa owafika kwiChiefs evela kwiFree State Stars.

IChiefs iphinde yaqeda isizini ishwiba izandla futhi bekungakhombisi ukuthi kukhona ebizokuwina ngendlela ebibhacaza ngayo. 

Ike yabhaxabulwa AmaZulu FC ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership, nokuyinto efake enkulu ingcindezi kumqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane. 

Abalandeli abaningi beChiefs bebemfuna ehambile uZwane futhi namanje basasho into efanayo.

“Ngicabanga ukuthi kumele sibuke yonke indawo eqenjini ngokucophelela. Kumele balethe abadlali esingenabo eqenjini, okungabezinga eliphezulu abangekho njengamanje,” kugcizelela uMuchichwa odabuka eZimbabwe.

“Akusizi ngalutho ukuletha abadlali abafanayo nesinabo eqinjini. Kimina nje lokho akusebenzi. Kumele babheke abadlali abanabo bese baphume bayobheka amava esingenawo, bazame ukwakha iqembu.

“Ekwakheni iqembu kumele babumbe elizokwazi ukuncintisana e-Afrika. Kumele kulungiswe kusukela ethimbeni labaqeqeshi kuze kuyofika kubadlali.”

Ngokwenkulumo kaRobson Muchichwa, kuyacaca ukuthi ushaya amakhala ngamava kaZwane obeqala ukunikwa iqembu ukuthi aliqeqeshe ngokuzimela ngesizini edlule. 

Namanje kuyavela ukuthi awuphephile umsebenzi kaZwane kwiChiefs yize leli qembu kuthiwa lifuna omunye umqeqeshi.

“Uma kumele badedele abathile akunankinga lokho. Iqembu alenzi kahle futhi sidinga abadlali abazolwela iqembu.”

Mayelana nesizini edlule uMuchichwa uthe: “Isizini edlule ayibanga yinhle ngakho akukho nesingakukhuluma ngayo. IChiefs yiqembu elikhulu elidinga ukudlalelwa abadlali abaphezulu.”

Amakhosi aqede endaweni yesihlanu kwilogi yeDStv Premiership ngesizini esanda kusongwa. 

FUNDA NALA: Uqede ukuqagela obekhonjwa kwiChiefs ethulwa yiSekhukhune

Kumanje akekho noyedwa umdlali weChiefs oseqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala neMorocco kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoMgqibelo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi izinto azihambi kahle kubafana baseNaturena.