Ezakamuva

Nginobudlelwano obuhle neChiefs, kusho uPitso Mosimane

UPitso “Jingles” Mosimane uthi unobudlelwano obuhle kakhulu neKaizer Chiefs okuyimanje kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha.

UMosimane akanaqembu aliqeqeshayo kulandela ukubuya eSaudi Arabia lapho iqembu abelicija lidliwe yizembe. Ubevele esayine inkontileka yezinyanga ezine kuphela naleli qembu.

Lo mqeqeshi useke wamataniswa nomsebenzi wokucija Amakhosi. Nokho muva nje sekuhamba phambili igama likaNesreddine Nabi, waseTunisia, okuthiwa usevumelene neChiefs ngokuningi.

“Asibanike ithuba, bazokhombisa ukuthi bahlelani. Ngichaza ukuthi yinto abasebenza kuyona, bayiqembu elikhulu,” kusho uMosimane ngeChiefs.

“Sinobudlelwane obuhle nabo, siyakhuluma noma yinini – siyakhuluma ocingweni, umfana wami udlala laphaya uyena ohamba phambili ngamagoli kwiGDL Under 13.

“Ukube bekukhona ukungashayisani kahle ubengeke abe laphaya. Angithi ngiqinisile? Ngakho azikho izinkinga.”

Lo mqeqeshi, oke wacija iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, uthe iChiefs kumele iyekwe ithathe isinqumo ngomqeqeshi olandelayo.

“Yiqembu elikhulu, yisikhungo esikhulu. Noma yikuphi lapho ngihamba khona wonke umuntu uyangibuza,” kuqhuba uMosimane.

“Kodwa ngiwumuntu owenza izinto ngendlela eqondile, ngeke ngisebenzise lokho ukucindeza iChiefs, akuyona into enhle. Asazi ukuthi bacabangani nokuthi bayibuka kanjani indlela eya phambili.

“Futhi kungani kuyimina ngedwa, bakhona nabanye abaqeqeshi abafuna lo msebenzi.”