EzakamuvaIngosi

UMBONO: UFarook Kadodia weMaritzburg United uhlulwe ukwenza engaphezulu wehliswa

Sihle Ngubo

Ngake ngezwa umholi we-Economic Freedom Front (EFF), uJulius Malema, egxeka uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngokuba yisehlulekile yize amandla ewabambe ngezandla zakhe.

Umfo kaMalema wabeka inkulumo yakhe wathi: “uRamaphosa uyena ongaphezulu kodwa uhluleka ukwenza. Awukwazi ukuba yindoda engaphezulu kodwa bese uhluleka ukwenza.

Ngicabange le nkulumo ngesikhathi iMaritzburg United idliwa yizembe ngemuva kokudlala ngokulingana neCape Town Spurs ngo 0-0 ngoLwesithathu ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. 

Okwenze kufike amazwi kaMalema kimina ukuthi ngiyahluleka ukuqonda ukuthi iTeam of Choice ipatanisa ngobani ukuba nabadlali abasezingeni eliphezulu uma ubheka indawo ezinze kuyona.

EMgungundlovu namaphethelo ikhono likanobhutshuzwayo liyinqwaba kodwa iMaritzburg izithola iyodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. 

Kanti usihlalo weTeam of Choice, uFarook Kadodia, akazi yini ukuthi eMphithi ikubokabhola? 

Ngabe akakaze ezwe ngoMbulelo “OJ” Mabizela, uSandile “AK47” Ndlovu, u-Andile “Sguda” Cele nabanye okhilimu abaphuma kuleli dolobha? 

Nomake ucabanga ukuthi yaphela imayini yabadlali abanekhono eMphithi ngemuva kokuhamba kukaSiphesihle Ndlovu amdayisela i-Orlando Pirates? 

Kuyaxaka nokho ngoba abadlali abafana noKhulekani Modondo, uBryce Moon, uRyan Moon nabanye, bagijima kuyona iTeam of Choice phambi kwakhe uKadodia.

Ngiyadumala kakhulu ngokuthi uKadodia uncamela ukuze adliwe yizembe neMaritzburg kube kwene kangaka yikhono eMgungundlovu. 

Naba oCele noSandile Ndlovu bakhona akasebenzisani ngani nabo bamlethele ubisi lwabadlali. Angikaze ngizwe mina kuthiwa kukhona umuntu ongashoda ngobisi kodwa efuye izinkomo zalo lezi ezibizwa ngamajezi.

Angisho ukuthi abadlali bangaphandle kwesifundazwe iKwaZulu-Natal nomake okungebona abaseMgungundlovu, akumele badlalele iMaritzburg. 

Kodwa kule minyaka engu-15 iTeam of Choice idlala esigabeni esiphezulu kumele ngabe inabadlali ecaphuna kubona abaningi, abayingxenye yeqembu. 

Kuthi angithi ‘shosho’

Kuthi noma bedayisa kodwa kungazweli ngoba vele akukho muntu obabangisayo eMphithi. KwiMaritzburg sesike sabona kulandwa amakhehla abadlali akwezinye izifundazwe angalenzelanga lutho iqembu. 

Kuthe noma sekucaca ukuthi ayikho indaba kulaba badlali banganikwa ithuba abafana abancane abanekhono baseMgungundlovu.

Yichilo loqobo leli elenziwe uKadodia nethimba lakhe. Kuthi angithi shosho bayalunga ngokudliwa yizembe ngoba bahambe baya le kude beyofuna into abanayo la emagcekeni abo.

Kunzimake ukubuya kwiMotsepe Foundation Championship futhi naye uKadodia uyakwazi lokho. Mhlawumbe uzosifunda isifundo sokuthi ukutshala bese uvuna lapha eduze, uzigayele impuphu, kungcono kunokuyoyithenga eKapa isimba iqolo. 

Iyajika lapho leyo mpuphu ayinawo nhlobo umsoco nokunambitheka obukulindele.

FUNDA NALA: UTim Sukazi ucikekile kubhaliswa umdlali wakhe ngePirates

UKadodia ubeyindoda engaphezulu kwamhlula wancama ukwenza. UMalema angeke agxekwe uma engamhleka usulu njengoRamaphosa. Ube ngaphezulu mahhala mfo kaKadodia, wagcina ehlisiwe wayosithela kwiMotsepe Foundation Championship ngenxa yokwehluleka kwakhe. Shwiii!