UFarouk Kadodia ukhomba abadlali ngenjumbane ngokubhayizisa iMaritzburg
Sbongs Gumbi
Usihlalo weMaritzburg United uFarouk Dadodia usola abadlali laleli qembu ngokulihlinzela ezibini ngesikhathi lizama ukuvika izembe.
UFarouk Kadodia uveze lezi zinsolo esitatimendeni esikhishwe yiqembu ngeSonto kusihlwa. Ubhale lesi sitatimende ngemuva kokudlilwa kweMaritzburg yizembe.
Usole ukuthi abadlali balidliselile leli qembu ngesikhathi lidlala umdlalo wokugcina kweyokuhlunga ngeviki elidlule.
IMaritzburg iye emdlalweni wokugcina neCape Town Spurs idinga ukuwina ukuze ivike izembe. Kodwa idlale ngokulingana, kwaba wukukhala kwezembe.
Manje uFarouk Kadodia usola unyawo lwemfene ngalokhu, uthi kukhona abadlale abebedembesela.
“Sibone sengathi kukhona abathile abasidayisile. Indlela abadedele ngayo amagoli ngezikhathi ezibucayi ngesikhathi silwela ukuvika izembe isolisile,” kusho uKadodia.
“Ukungabi nomdlandla wokuhlasela ukuze sithole igoli lokuwina kumbozwe wukuvala emuva ngendlela engajabulisi.
“Kusiphula inhliziyo ukubona ukuthi kunabathize abasize labo abebesifisela okubi yize iqembu belizifeza zonke izimfanelo zezinkontileka zenu, futhi liyikhona ngesikhathi esifanele imiholo.
“Lokhu bekwenzeka ngesikhathi kunemibiko yokuthi amaqembu athize ayehluleka wukuholela abadlali ngendlela efanele.
“Ngaphandle nje kokungabaza, le sizini ibinezingqinamba eziningi, kodwa ishlulekile wukumelana nazo.
“Ikakhulukazi emdlalweni wakamuva wokuhlunga, asikhombisanga ukulwa esakwenze sibhekene neJomo Cosmos ngo-2016.
“Yize besinikiwe ithuba lokubuya ngale midlalo yokuhlunga, abathile bebenezinhloso zabo eziseceleni.”
FUNDA NALA: UFarook Kadodia weMaritzburg United uhlulwe ukwenza engaphezulu wehliswa
UFarouk Kadodia uthe noma isimo sinjalo, bazokubeka eceleni osekwenzekile, babheke phambili.
“Nokho kubalulekile ukuthi sishiye osekwenzekile emuva. Asibumbaneni, siveze ilaka lethu lokubuyela endaweni esifanele ebholeni.”