IDortmund izoceba noma idliwe kowamanqamu weChamps League
SIHLE NGUBO
IBorussia Dortmund kuzomele ikhethe ukuthi iqoka ‘imali noma ibhokisi’ uma seyidlala owamanqamu we-Uefa Champions League ka-2024.
Leli qembu laseGermany lizotholana phezulu neReal Madrid yaseSpain kowamanqamu weChampions League, eWembley Stadium, ngoJuni 1.
Uma iDortmund inqoba iChampions League izothola u-€20-million (R39-billion) uvela kwi-Uefa.
Kodwa uma uJude Bellingham enqoba iChampions League, iDortmund izothola u-€25-million (R49-billion) uvela kwiReal Madrid.
UBellingham ubengumdlali weDortmund kusukela ngo-2020 kuya ku-2023.
Ube esejoyina iReal Madrid ngo-2023 nokuyikho okwenza ibathembise imali enkulu uma bewina iChampions League, uBellingham abe nesandla kakhulu kuyona ukuze leli qembu laseSpain lifinyelele kowamanqamu.
IDortmund izodlala kowamanqamu okwesithathu kuphela emlandweni wayo. Yagcina ukunqoba ngo-1997 ngesikhathi ishaya iJuventus ngo 3-1.
Kowokugcina wamanqamu yashaywa yiqembu langakubo iBayern Munich ngo 2-1 ngo-2013, nokuyilapho bagcina khona ukufinyelela kowamanqamu weChampions League.
Kulokhu kumele ikhethe ukuthi ifuna ukuba ngompetha ithole imali encane, noma ukushaywa bese ithole imali ethe xaxa, ngokunqoba kukaBellingham neReal Madrid.
FUNDA NALA: Izogaya imali eshisiwe iChippa ngemidlalo yaseBuffalo City
IDortmund ishaye iParis Saint Germain (PSG) kweyandulela owamanqamu, kanti iMadrid idlule kwiBayern Munich.