AmaZulu asenyonyobela umqeqeshi welaseGauteng, afisa no-Ertugral
Njabulo Shezi
Uya ngokuqina umkhankaso waMaZulu FC wokuthungatha umqeqeshi ozocija leli qembu ngesizini ezayo kulandela ukushiya kukaRomain Folz.
Lo mqeqeshi ushiye nje ubevele kade esemisiwe, waqheliswa naseqenjini kwathiwa akabe ngumeluleki kamengameli weqembu uSandile Zungu.
Kwabe sekubanjiswa u-Ayanda Dlamini kwaze kwaphela isizini kodwa naye usediliziwe njengoba umhlulile lo msebenzi kule midlalo eyisithupha abenikwe yona ukuzibonakalisa.
Yingakho ke Usuthu selufuna umqeqeshi omusha. UZungu wathi akafuni ukuphinde alethe umqeqeshi ozohlulwa wumsebenzi kwazise akafuni ukugcina esefana noChippa Mpengesi.
Kuvela ukuthi leli qembu selivele lixoxile futhi lenza inhlolokhono nabaqeqeshi abaqavile okukhona kubo uLuc Eymael noMuhsin Ertugral.
Ngokombiko wabePhakaaathi, bobabili laba baqeqeshi sebeke baya eThekwini beyohlangana noZungu, benze nezethulo ngabafuna ukuzokwenza eqenjini.
Kodwa kuthiwa uZungu akakeneliseki njengoba esedlulele kuGavin Hunt weSuperSport United naye okuthiwa useke wahlangana naye.
Nokho akubukeki ke kodwa iSuperSport izovuma ukumdedela uHunt kwazise ufike wayivusa, wayibuyisela ekubeni yiqembu elilwela izicoco.
Kwiligi igcine ilale isithathu ngemuva kokuhubhana ne-Orlando Pirates bebanga le ndawo njengoba isicoco bese sivele simuke neMamelodi Sundowns.
FUNDA NALA: Uxoshelwe ‘ukuba neshende’ uFadlu Davids kwiMaritzburg
AmaZulu, ngokusho kwemithombo, asefuna ukuluphothula lolu hlelo lokuthungatha umqeqeshi ukuze kuqale amalungiselelo esizini entsha.