EzakamuvaIbhola

Inkinga yotshwala akuyona eyeSwallows kuphela – Komphela

USteve Komphela akazange aphike ukuthi kukhoba kubadlali bakhe ababhekene nenkinga yokuhluleka ukuziphathisa okwabadlali abakhokhwlwayo. 

Kodwa akazange awaveze amagama alabo badlali kodwa kuyaziwa ukuthi kubo kukhona uDumisani Zuma.

Impempe ibike kabanzi ngesigameko sakamuva la uZuma efike khona ejimini ebuhlabile futhi ehamba nentombi engumawengane kazakwabo u-Andile Jali. 

Uvele ke uZuma unegama elibi lokuhluleka ukuziphatha okuyinto ayiqala esekwiBloemfontein Celtic.

Leli dimoni limlandele noma esekwiKaizer Chiefs waze wagcina ngokuxoshwa ngoba leli qembu selizame lehluleka ukumkhipha kulo mkhuba omubi. 

Ube esecoshwa AmaZulu FC, kodwa nakuwo wafike waqhuba le mpilo yakhe yokuthanda ubumnandi ukwedlula ukudlala ibhola. 

Nalo Usuthu lumbongile uma kuphela isizini njengoba esethathwe uSteve Komphela kwiSwallows, wethembisa ukuthi yena uzomkhona. 

“Lento (yokuziphatha budlabha kwabadlali) yinto oyifica kulo lonke izwe. Nginesiqiniseko salokho,” usho kanje uKomphela. 

Ubekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe ne-Orlando Pirates kuleli viki. ISwallows iguqe ngo 2-0,  kanti uZuma udlale imizuzu engu-82 kulo mdlalo.

“Angifuni ukuzwakala njengomuntu osusa izinkulumo. Ngisho nakhona la kini emsebenzini la nisebenza khona nasemakhaya zikhona lezi zinto. 

“Ngabe ke sengizenza ngcono uma, kungathi ngiphuma emphakathini obhekene nale nselelo bese ngizitshela ukuthi ngeke yenzeke lapha eqenjini lami.

“Lokhu okwenzekayo kuyisibuko sento eyenzeka emphakathini wonkana,” kuchaza uSteve Komphela. 

Ngesikhathi uSteve Komphela esayina uZuma, uGabadinho Mhango no-Andile Jali, uKomphela washo ukuthi uyawazi umlando wabo. 

Laba badlali banegama elibi lokubuye bakhohlwe wukuthi bangabadlali abakhokhelwayo, bese beqise kumankwebevu. 

Akuyona ke yodwa iSwallows enale nkinga njengoba kumanje iChiefs imise insephe yayo endala u-Itumeleng Khune otholwe enotshwala egazini esejimini.