UBroos ukhala ngokubhecwa ngobende ngakusho ngeChiefs
Sbongs Gumbi
Usesola abezindaba ngokuthi bamfunza amazwi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos owalibeka ngembaba ukuthi lehlile izinga kubadlali beKaizer Chiefs.
Lo mqeqeshi wakusho lokhu ngesikhathi ehoxisa bonke abadlali beChiefs ayebaqoke eqenjini lakhe lesikhashana ngeviki elidlule.
Kodwa manje useyajika, usola abezindaba ngokuphundula umlayezo ayewuhlosile, bayibeke ngendlela eveza ukuthi ugxeka iChiefs.
“Kumele ngikuqaphe engikushoyo ngoba kulezi zinsuku ezimbalwa ezidlule ngibonile ukuthi okushoyo kuyajika kungabi yilokhu obukuqondile,” kubhuqa yena.
“Kube nomsindo okhona phakathi kwami neKaizer Chiefs, ikakhulukazi uNtseki, umqeqeshi weKaizer Chiefs.
“Ngiyakwazi konke engakusho ngoLwesithathu ngesikhathi ngethula abadlali abangu-23, ngiyakuvuma nengakusho ngabadlali beKaizer Chiefs.
“Okokuqala engakusho wukuthi akubafanele ukuba seqenjini lesizwe,” kuchaza lo mqeqeshi ngoMsombuluko.
“Uma ngisho njalo, ngangingaqondile ukuthi abanalo ikhono kodwa ukuthi indlela abadlala ngayo eqenjini labo ayikho ezingeni leBafana Bafana.
“Uma ubheka ukuthi iKaizer Chiefs inamaphuzu amane ekubeni beyingathola angu-12, bese ubheka nokuthi abalandeli benzani iqeda ukushaywa yiTS Galaxy, uzobona ukuthi angiphambukile kwengikushilo.
“Okwesibili, ngakusho nokuthi kubanadlali abaningi abasha futhi kuthatha isikhathi ukuthi izinto zihlangane kahle.
“Lokho ngikusho ngoba akulula ukujwayeza abadlali abane noma abahlanu eqenjini ngesikhathi esisodwa.
“Okunye engikuvumayo ukuthi ngakusho wukuthi alukho ushintsho kwiChiefs uma uqhathanisa nangesizini edlule.
“IChiefs beyidonsa kanzima isizini yonke edlule, angazi nokuthi baqeda kuyiphi indawo kodwa indlela abebedlala ngayo akuyona ongayilindela eqenjini elifana neKaizer Chiefs.”
Yize engalibekanga ngembaba elokuxolisa, uHugo Broos uzwakale kungathi uyaxolisa ngezinto azisho, kodwa wasola abezindaba ngokuphundula akushoyo.
“Kumele ngithwale nezinto abanye benu la kwabezindaba abazama ukungifunza zona kodwa angangazisho.
“Nina nabe senithi ‘uNtseki akashintshanga lutho kwiChiefs’. Angizange ngikusho lokho mina, futhi yinto embi nje leyo.
“Ngicasukile ngokuphendulwa kwenkulumo yami ngaleyo ndlela. Uma nifuna ukugxeka umqeqeshi weqembu elithile, kwenzeni ngamagama enu.
“Ningangifaki mina ngokuthi nithi ngithe ngibe ngingashongo kanjalo. Kungicike ngampela lokho.
“Ngilapha ngoba ngiyanethemba futhi ngethemba ukuthi nizobhala engikushilo kunjalo hhayi lento eniyenzile. Ngiyabazi nabenze lokho.
“Nize nazi ukuthi uma ngingasanithembi ukuthi nizobika engikushilo kunjengoba kunjalo, ngeke ngisavuleleka uma sinemihlangano efana nalona.
FUNDA NALA: Okusha ngesigwebo sikaLorch owamuhluza owesifazane
“Ngeke ngisayiphendula nemibuzo yenu eyengeziwe. Kuzoba kubi ke lokho,” kuchaza uHugo Broos.
IBafana izogadulisana neNamibia ngoMgqibelo ntambama, bese ibhekana neDemocratic Republic of Congo ngoLwesibili lukaSepthemba 12.