IChiefs ingazithola ibukwa yizihlalo maduze nje
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ingase izithole ibukwa izihlalo emdlalweni wayo othile weBetway Premiership kulandela isenzo sakamuva sabalandeli bayo.
Abalandeli beChiefs bajikijelile baphinde bangena enkundleni ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weCarling Knockout, eFNB Stadium, ngoMgqibelo.
Kulo mdlalo iChiefs igcine ibhaxabulwe ngo 4-0, yaphuma kabuhlungu kanjalo kwiCarling Knockout ka-2024.
I-Premier Soccer League (PSL) kulindeleke ukuthi iqinise isandla kuleli qembu laseNaturena kulokhu, ngoba selivamisile ukuzithola lilahlwa yicala elifanayo.
Ngenyanga edlule (Okthoba 10) iChiefs ikhokhe u-R150 000 kulandela ukulahlwa yicala lokujikijela kwabalandeli, kwase kuvuka nelidala.
Leli qembu belivele linesigwebo esilengisiwe sika-R100 000 ngesikhathi lilahlwa yicala ngenyanga edlule. Ligwetshwe u-R100 000 kwase kulengiswa u-R50 000 ukuthi lingazitholi linecala elifanayo zingakapheli izinyanga ezingu-12.
Njengoba abalandeli sebekuphindile lokho uzovuka lo R50 000 kodwa maningi futhi amathuba okuthi iChiefs igwetshwe ukuthi bangabi khona abalandeli emdlalweni wabo othile wasekhaya weligi.
IChiefs iqale imidlalo yeligi kuthembisa kodwa izinto kuyacaca ukuthi azikahlangani kahle ngaphansi nomqeqeshi uNasreddine Nabi. Abalandeli kuzomele behlise umoya ngesimo seqembu, kungenjalo iPSL izolokhu ilihlawulisa ngenxa yabo.