UPitso useqoke uDavids kwabayomsiza eqenjini lakhe elisha
Sbongs Gumbi
Njengoba leli qembu eliqashe uPitso Mosimane, i-Al Wahda layigcina ngo-2010 indebe yeligi, kuyacaca kubhekwe ukuba lo mqeqeshi alibuyisise isithunzi.
Empeleni nje leli qembu elasungulwa ngo-1984 lisasiwine amahlandla amane kuphela isicoco seligi.
Yingakho ke uPitso ebone kungcono afike nethimba lakhe alethembayo nasesebenze nalo isikhathi eside, wabe eselithaka ngabathile.
Wengeze ngoMaahier Davids ongumfowabo kaFadlu Davids. Akukhona ke nokho okokuqala esebenza naye njengoba bebebonke naseSaudi Arabia.
UMaahier akalona ke ivukane njengoba esake waba yiphini lika-Ernst Middendorp noFadlu kwiMaritzburg United.
Waphinde wahamba noMiddendorp ngesikhathi eyoqeqesha kwiSt Georges yase-Ethiopia. Wasala waliqeqesha leli qembu ngemuva kokushuya kukaMiddendorp.
UMosimane uqinisekiswe njengomqeqeshi waleli qembu ngoMgqibelo kusihlwa kanti yena uqinisekise ithimba lakhe ngoMsombuluko.
“Umqeqeshi uPitso Mosimane uzoya kwi-UAE Pro League nethimba lakhe abanamava oMaahier Davids, Kabelo Rangoaga, Musi Matlaba, Kyle Solomon, nomqeqeshi wonozinti uHamad Alyami,” kusho abeMT Sports.
“Njengoba aziwa ngomsebenzi oseqophelweni nokukwazi ukufaka abadlali umdlandla, umqeqeshi uPitso nethimba lakhe bajabule ngale nselelo entsha kwi-Al Wahda.
“Thina siyiMT Sports siyaziqhenya ukuthi siphinde samtholela omunye umsebenzi uPitso nethimba lakhe. Siyawethemba amakhono abo ukuthi bazoba nomthelela omuhle e-UAE.
“Siyakholwa wukuthi abaqeqeshi bethu basezingeni eliphezulu futhi banolwazi olunzulu oluzothatha i-Al Wahda luyibeke kwelinye izinga.”
UPitso uzakhele igama kakhulu ngesikhathi ekwiMamelodi Sundowns. Wasuka kuyo waya kwi-Al Ahly yase-Egypt, nakhona wagila izimanga.
FUNDA NALA: UFarouk Kadodia ukhomba abadlali ngenjumbane ngokubhayizisa iMaritzburg
Ngesizini edlule ubenikwe owokuvusa i-Al Ahli yaseSaudi Arabia, nalowo msebenzi wawenza ngendlela enhle kakhulu.
Uyiwinise isicoco esiyenze yakhushulelwa esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleliya zwe. Manje sekubhekwe azokwenza e-United Arab Emirates.