EzakamuvaIbhola

Usuthu lufuna ‘abuye ekhaya’ oshelwe amanzi kwiChiefs

Kuzomele isheshe icacise iKaizer Chiefs ngekusasa lomdlali wasemuva uNjabulo Ngcobo osezophelelwa yinkontileka yakhe kuleli qembu.

Lo mdlali wasemuva, oneminyaka engu-29, ongowokudabuka eFolweni, ujoyine Amakhosi esuka kwiMoroka Swallows ngo-2021.

Inkontileka yakhe kuMakhosi iyaphela ngoJuni. Ubevele ke engeyena umdlali oqala imidlalo njalo kuleli qembu.

Wayefike kulo ethwelwe ngeqoma njengoba ayeqokwe njengomdlali wasemuva ovelele ngesizili eyandulela afika ngayo kwiChiefs.

Nokho izinto azimhambelanga ngendlela okufanele ukuthi wayeyibhekile noma eyifisa ngesikhathi efika eNaturena.

Manje ngokubika kwePhakaaathi, AmaZulu aseqalile ukushela uNgcobo ngenhloso yokuthi abuyele ‘ekhaya’ njengoba eke waba semabhukwini awo-2016.

“AmaZulu angakuthakasela kakhulu ukuthola uNjabulo,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ungumfana wasekhaya futhi njengoba nazi, uphume enkulisa yaMaZulu. 

“Kodwa ngaphandle kwalokho uNjabulo ungumdlali oseqophelweni eliphezulu futhi angakwazi ukwengeza izinga kuMaZulu,” kusho umthombo.

“Basiqaphile isimo sakhe kwiChiefs, kodwa okwamanje umengameli weqembu akafuni ukuqala impi neChiefs ngokukhuluma noNgcobo ekubeni enenkontileka neChiefs. 

“Ngakho bazolinda kuze kuphele isizini futhi uma engakasisayini isivumelwano esisha neChiefs, bazobe sebemhlasela,” kwengeza umthombo.

UNgcobo akasitholi isikhathi sokudlala kwiChiefs. Usadlale imidlalo engu-13 kuphela kuyo yonke imiqhudelwano yaMakhosi kuze kube manje kule sizini.

AmaZulu kwawona kuzomele aphakamise amasokisi ngoba kuvela ukuthi neSwallows izibhekile kuNgcobo – ifuna ukumbuyisa. 

UNgcobo udlale kahle futhi ubejwayele ukuqala imidlalo kwiSwallows ngaphambi kokuthi asayinwe yiChiefs.