‘Ngiyathanda eVenda,’ kusho uShaun Bartlett osolwe ngokucwasa
Njabulo Shezi
UShaun Bartlett uzivikelile ezinsolweni ezenziwe yisikhulu seBlack Leopards ngesikhathi sithi ukhulume amazwi amabi nanenhlese yokucwasa.
Lokhu bekulandela ukuthi uShaun Bartlett ethe ujabulele ukuthi ngeke esaya ukuyodlala eVenda ngemuva kokunyiselwa kwiDStv Premiership.
Wathi ufisa ingabi bikho imidlalo yeDStv Premiership kuleya ndawo ngoba uyenqena ukuya khona.
La mazwi akhe awehlanga kahle kuChief Thidiela weLeopards, wathi anenhlese yokucwasa futhi kuyishwa ukuthi ashiwo umuntu ofana noShaun Bartlett.
“Ngiphoxeke kakhulu ngale nkulumo ephume emlonyeni weqhawe lethu eNingizimu Afrika,” kusho uThidiela kwabeFARPost.
“Lo muntu waphuma kuleli wayodlala ngaphandle. Nginesiqiniseko kunokucwasa okuthile ake wabhekana nakho.
“Ukuthi akhulumi amazwi anjengalawa kuyaphoxa kakhulu,” kuchaza uDavid Thidiela.
“Ibhola yinto ehlanganisa abantu. Alifani negalofu nethenisi okuyimidlalo yamakhethekile.
“Ukuthi yena akhuluume kanje ngale ndawo enabantu abalithanda kanjena ibhola kuyinto ekhombisa ukuziphakamisa kuye.
“Kumele akuqonde ukuthi le ndawo ngeyasemakhaya. Ukuba khona kwebhola elikhokhelayo kusiza nangokukhulisa umnotho endaweni.
“Amaqembu awadlali enkundleni engenabantu. Kusiza ngani ke ukudlalela edolobheni elikhulu kodwa iqembu libukwe yizinkonjane?
“Lokho kuwusiza ngani umphakathi. Awukwazi ukucwasa abanye abantu uthi wena awufuni ukuya laphaya.
Kodwa lo mqeqeshi weCape Town Spurs usecacisile ngayeqonde ukukusho ngesikhathi ekhuluma nabeRadio 2000 ngempelasonto.
“Ngiyayithanda iVenda. Ngisahlulwe kabili kuphela emidlalweni engu-15 engiyidlale khona,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Kungani pho ngingathi angiyithandi? Ngiyawuthanda nokwatapheya wakhona, ikakhulukazi inani lawo.
FUNDA NALA: UPitso useqoke uDavids kwabayomsiza eqenjini lakhe elisha
“Engangikusho ngangiqonde ekutheni kukude uma uya khona. Sithatha indiza siye eGoli, bese singena emgwaqeni amahora ayisithupha.
“Kuyasinda impela lokho,” kuqhuba uShuan Bartlett owake waba ngumgadli emaqenjini amaningi ehlukene.