Abakuleli abake babuke Eswatini, babone inhlanhla yabo
SIHLE NGUBO
Abadlali bamaqembu eDStv Premiership kufanele bake balunguze kumaligi amazwe angomakhelwane neNingizimu Afrika, bese bezibona ukuthi babusa kanjani ngemiholo abayitholayo.
Kwamanye amazwe abadlali abakwazi ukuthembela emiholweni abayithola ngokudlala ibhola, nokuphoqa ukuthi babe nemisebenzi eqondile abayenzayo.
Impempe isanda kuthola ukuthi Eswatini isimo sibi kakhulu kangangoba cisho akekho umdlali ohola imali elinganiselwa ku-R25 000 ngenyanga.
Neligi yakhona ikhokha imali encane kakhulu uma sekuphele isizini, futhi umehluko mkhulu kakhulu uma iqhathaniswa neligi yakuleli.
Umthombo weMpempe ozinze Eswatini uthe abadlali bakhona kuzidlalelwa ngabo nje, ngakho babona beseZulwini elincane uma bethola ithuba lokuzodlala eNingizimu Afrika.
“Kudlalwa ngabo kakhulu lana, abanye abadlali sisebenza nabo,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
“Lapha kithi umdlali ohola kakhulu ngu(emusho ngegama) oke waba kwiTS Galaxy. Uhola u-R17 000 ngenyanga.
“Lana kuyabheda, ibhola lalana alikhokheli. Kumele baze baye eNingizimu Afrika ukuze bezohola kangconywana.”
Iligi yakuleli lizwe, ebizwa ngeSwazi MTN Premier League, nayo ayikhokhi imali etheni ekupheleni kwesizini.
Iqembu eliba ngompetha lithola u-R1 million, eliphume isibili lithole u-R500 000, bese elilale isithathu lihambe no-R200 000.
Umdlali wesizini uthola u-R15 000, oqeda eshaye amagoli amaningi u-R12 000, umqeqeshi ovelele wesizini nonozinti ovelele, bathola u-R10 000 umklomelo ngamunye.
Lapha eNingizimu Afrika amaqembu ePremiership athola isibonelelo sika-R2.5 million ngenyanga, kanti iqembu elidla umhlanganiso ekupheleni kwesizini likhala lemuke no-R15 million.
Amaqembu amaningi ePremiership abaholela kahle abadlali futhi kukhona nabatamuza imali ephakathi kuka-R500 000 no-R900 000 ngenyanga.
“Lapha Eswatini ibhola alithathwa njengento ebalulekile, yikho nje iningi labadlali lizisebenzela. Cisho yiMbabane Swallows ezamayo ngoba umphathi wayo unemali,” kuqhuba umthombo.
“Yebo likhona ikhono (ithalente) kodwa ukuze uzolithuthukisa uzizamela wena ungumdlali, uze uphumelele.”
Bakhona abadlali baseSwatini asebheke bafika eNingizimu Afrika bashaya into ecokeme emaqenjini ePremiership.
FUDNA NALA:Â Umisiwe uChavani ngechilo alenza koweDowns neStellies
Lapha singabala uTony Tzabedze, uWilliam “Cool Cat” Shongwe, uBongani “Model C” Khumalo (onobuzwe baseSwatini nobaseNingizimu Afrika), u-Abel Shongwe, u-Absalom “Scara” Thindwa nabanye.