USteve Komphela ufuna uNgezana ‘abahlafune’, angajahi ukubuya
Sbongs Gumbi
USiyabonga Ngezana ubonge ngokukhethekile abaqeqeshi abamsizile ngesikhathi ekwiKaizer Chiefs okubalwa kubo noSteve Komphela.
Lo mdlali wase muva oneminyaka engu-25 udayiselwe iqembu laseRomania iFC SB asezodlala kuyo kusukela ngesizini ezayo.
UNgezana wenyuselwa eqenjini elikhulu kwiChiefs ngesikhathi sikaSteve Komphela eNaturena futhi kubukeka benobudlelwano obuhle.
“Ngiyabonga kubaqeqeshi abangicijile kule minyaka edlule. Ngibonga izeluleko namazwi obuhlakani.
“Ngibala uSteve Komphela, Giovanni Solinas, Ernst Middendorp, Gavin Hunt, Dillon Shepard no-Arthur Zwane,” ubhale kanje uNgezana kwi-Intsagram.
USteve Komphela ube esephendula ngale ndlela yakhe asedume ngayo yamazwi amtoti kodwa abuye abe nomqondo ocashile.
“Ngikufisela inhlanhla Tata. Uhlale uzibeke phansi, ulwe ngendlela ehlelekile. Usebenze ngokuphindiwe futhi uhlezi uyilungele inselelo entsha,” kusho uKomphela.
“Uzamukele (izinselelo), uhleke nazo, bese udlula kuzo, uzinqobe. Zincome futhi uziqhenye ngalokhu usukuzuzile.
“Ukulwele ukuthi ungasheshi ubuye. Ukulwele ukuzibhalela owakho umlando nokufeza izifiso namaphupho akho.
“Kunengane ebukela kuwe futhi egqugquzelekayo. Ubusiseke. Hamba ubadle ngamazinyo, ubahlafune, ungasabi lutho. Abasabe wena. Ulujabulele lolu hambo futhi wakhe abangani abasha.”
NoGavin Hunt, osebenze noNgezana kwiChiefs naye uphendulile, efisela lo mdlali inhlanhla njengoba eya phesheya kwezilwandle nje.
“Ngokufisela okuhle kodwa mfana wami. Kube yintobeko kimi ukukuqeqesha nokuba yingxenye yohambo lwakho.
FUNDA NALA: UThulani Serero ukhonjwa kwelikaPitso Mosimane e-UAE
“Uyibutho lohlobo. Ngikufisela inhlanhla mfana wami. Ngizohlezi ngitholakala ocingweni uma ungidinga,” kusho uHunt.
Nomlandeli weFC SB la eya khona uNgezana umemukelile, wathi usevele uyingxenye yomndeni wabo.