EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Yengeza ngomunye umgadli i-Orlando Pirates yize inenqwaba

By Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates ishela umgadli wakuleli odlala ngaphandle, ifuna abuyele kuyo uma enquma ukushiya la ekhona. 

Leli qembu likwenza lokhu nje livele linenqwaba yabagadli okwenza abaphathi balo mdlali babe manqika ukuvuma abuyele kuyo. 

Kukhona o-Eva Nga, Terrence Dzvukamanja, Kermit Erasmus, Ndumiso Mabena no-Evidence Makgopa njengamanje kwi-Orlando Pirates. 

Kukhona nabanye ebolekise ngabo okungoBoitumelo Radiopane, Zakhele Lepasa, Smiso Bophela noKwame Peprah. 

URadiopane ukwiCape Town Spurs, uLepasa yena ukwiSuperSport United kanti uPeprah ukwiMaritzburg United. Bonke kulindeleke babuye ngesizini ezayo. 

Kodwa Impempe seyingakuveza ukuthi lei qembu lifuna omunye umgadli ngaphezu kwalaba njengoba selimnike inkontileka yesivumelwano. 

“Iyamfuna ngoba seyibanikile abaphathi bakhe inkontileka abafuna ayisayine yokuthi uma kuphela le nkontileka anayo phesheya eze kuyo. 

“Kodwa akakayisayini okwamanje ngoba abaphathi bakhe basamzamela kwamanye amaqembu,” kusho umthombo ocele ukungavezwa.

Igama lalo mgadli nguJaisen Clifford odlala kwiFC Van e-Armenia kanti uke wadlala kwi-All Stars kuleli ngaphambi kokuya phesheya. 

Lo mgadli oneminyaka engu-27 usedlale emazweni amancane ehlukene e-Europe kanti inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni. 

Kuthiwa engavuma ukubuya ekhaya uma kukhona iqembu elimfunayo yize abaphathi bakhe besamzamela khona phesheya. 

“Usefuna ukukhula, ayodlala kwiligi enkulu manje kanti uma lingekho iqembu elimthathayo khona phesheya, uzobuya kuleli. 

“Kukhona abasakhuluma nalo eFrance elikhombisa ukumthanda kodwa alikabeki lutho etafuleni. 

“Manje i-Orlando Pirates ivele yabafaka enkingeni abaphathi bakhe ngoba ibanike inkontileka enhle. 

“Manje abasazi benzenjani ngoba umfana yena uthi engathanda ukubuya kuyo azozakhela igama kabusha bese ebuyela phesheya. 

FUNDA NALA: ILudonga Boxing iyokhulisa isibhakela eKhulisa Village, eMtuba

“Yena uyazethemba ukuthi uzofike asebenze, bese amaqembu abemgabaza phesheya abuye azomlanda,” kuchaza umthombo. 

Impempe iyibonile ikhophi yale nkontileka ye-Orlando Pirates etatazelisa abaphathi sengathi indoda eqalayo ukuhlaba endaweni.