Kucaciswa ekaBongani Khumalo omataniswa nesikhundla soSuthu
Njabulo Shezi
UBongani Khumalo ngomunye wabantu obese kubikwe ukuthi uzonikwa esinye sezikhundla ezinkulu ezikhangisiwe kuMaZulu FC.
Usuthu njengamanje lunezikhala ezimbalwa olufuna ukuzivala. Kuzoba kukhona esomqeqeshi, esemenenja yeqembu nesikamqondisi wezemidlalo.
Usuthu lunezikhundla ezingenamuntu nje kulandela ukuthi lushnxise abasebenzi abambalwa njengoba lufuna abazokwenza kangcono.
Esomqeqeshi sisale singenamuntu kulandela ukushiya kukaRomain Folz nokushenxiswa kuka-Ayanda Dlamini obebambile kulesi sikhundla.
Esomqondisi yisikhundla esisha uZungu asivule ngoba elandela izindlela zokuphatha iqembu ezisetshenziswa emhlabeni jikelele.
Esemenenja sona sivuleke ngemuva kokugxalwa kukaQedi Dlamini obekunguye obesibambile kule minyaka embalwa edlule.
Le nsizwa eyake yaba ngukaputeni weBafana Bafana, uBongani Khumalo, ubemataniswa nesokuba ngumqondisi wezemidlalo kuMaZulu.
Lokhu bekungenxa yokuthi ubeke wabonakala izikhawu ezimbalwa eya eThekwini la abehlangana khona nezikhulu zoSuthu.
Kodwa umengameli weqembu uSandile Zungu usekuchithile lokhu, waveza ukuthi kungani le nsizwa esingumhlaziyi kwiSuperSport TV beyiningi eThekwini.
UBongani Khumalo ubesisiza ngesikhathi senza inhlolokhono,” ucashunwe esho kanje uZungu ngabe-Idiski Times.
“Simlande ukuzosisiza ukuhlola kahle abaqeqeshi esihlunga kubo. Usazoqhubeka nokusisiza ekutholeni umqondisi webhola. Imenenja yeqembu nezinye izikhundla.
“Kodwa akaqashiwe yiqembu ngokugcwele futhi asikho isikhundla asifisayo eqenjini. Okwamanje siyasizana nje, kodwa sifuna ukwakha ubudlelwano naye.
“Akekho ke owaziyo ukuthi buyophelelaphi,” kuchaza umfo kaManzini ozimisele ukuluvuselela Usuthu.
Kubaqeqeshi okuthiwa seluke lwakhuluma nabo Usuthu kukhona uGavin Hunt, Luc Eymael noMuhsiin Ertugral.
UZungu uthe bazomemezela maduze nje ukuthi yimuphi umqeqeshi abagcine benqume ukumthatha.
Lokhu kuzosheshe kwenzeke ukuze akwazi ukubheka abadlali abakhona, bese enquma ukuthi ufuna ukubagcina noma ukubadedela.
FUNDA NALA: Allie noDaniels: Amasosha angayifela iSpurs
Uyobe esenikwa nemvume yokuzinqumela ukuthi ufuna uhlobo olunjani lwabadlali ngaphambi kokuthi iqembu lisayinise.
Nokho Usuthu seluvele lunabo abambalwa olubasayinile okukhona kubo noCelimpilo Ngema obekwiMarumo Gallants.