EzakamuvaIbhola

AmaZulu asemtholile umqeqeshi omusha, usenegama lesiZulu

Sbongs Gumbi

UPablo Franco Martin akakafiki kuleli ukuzothatha umsebenzi wokuqeqesha AmaZulu FC, kodwa useable unegama lesidlaliso lesiZulu. 

UFranco Martin umenyezelwe yileli qembu laseThekwini ngoLwesibili kusihlwa esitatimendeni esikhishelwe abezindaba. 

Alandele kwi-Orlando Pirates njengoba nawo emthole eSpain uFranco Martin. IPirates ilande uJose Riveiro khona eSpain ngesizini edlule. 

Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu usemuphe igama lokuthi nguCijimpi lo mqeqeshi oneminyaka engu-43. 

“Sixoxe nabaqeqeshi abambalwa sibahlola ikhono njengoba bebezimisele ngokuba ngumqeqeshi waMaZulu,” kusho uZungu. 

“Abanye bekungabakuleli – kodwa benezonkontileka emaqenjini eDStv Premiership. Abanye ngabangaphandle kodwa bake basebenza kwiDStv Premiership. 

“Abanye abangaphandle kodwa basebenza khona la e-Afrika,” kuchaza okaManzini.

Sike sabika ke ukuthi AmaZulu ake akhuluma noGavin Hunt, Luc Eymael noMuhsin Ertugral. Kuvela ukuthi noManqoba Mngqithi kuke kwakhulunywa naye. 

“Abanye bake basebenza e-Afrika kodwa manje sebesemaqenjini aphesheya e-Europe, Asia, Middle East naseSouth America,” kusho uZungu. 

UFranco Martin useke wasebenza kwiSimba SC eTanzania neQadsia SC eKuwait engumqeqeshi ozimele. NakwiGetafe neReal Madrid eSpain la abeyiphini lomqeqeshi khona.  

“Sijabule kakhulu ngezinga labaqeqeshi esikhulume nabo, baveza imibono yabo ngoSuthu. Usuthu luyathandwa kakhulu futhi lubonwa luyiqembu elingenza izinto ezinkulu. 

“Sigcine siphume negama elilodwa. Igama esicabanga ukuthi abadlali, abalandeli, abaxhasi nabaqondisi boSuthu bazolijabulela. 

“Sikholwa wukuthi iligi yakuleli izozuza kakhulu ngomuntu osezingeni lakhe uma eza kwiDStv Premiership.” 

FUNDA NALA: Nabi neKaizer Chiefs: Kusaxoxwa kodwa ngathi uyaphunyuka

UFranco Martin kulindeleke afike kuleli ngeviki elizayo ukuze aqale lo msebenzi wakhe wokuvusa Usuthu, alwenze iqembu elilwela izicoco.