Nabi neKaizer Chiefs: Kusaxoxwa kodwa ngathi uyaphunyuka
Njabulo Shezi
IKaizer Chiefs ibe nomhlangano nomqeqeshi efisa azothatha umsebenzi wokucija leli qembu uNasreddine Nabi ngempelasonto.
Inhloso yalo mhlangano bekuwukusombulula izihibe ezikhona ezivimba lo mqeqeshi waseTunisia ukuthi azothatha lo msebenzi.
Kuvela ukuthi namanje ukuqashwa kukaNasreddine Nabi yinto engakacaci ukuthi iyenzeka noma ngeke. IKaizer Chiefs iyaqhubeka engxenye ukuxoxa nabanye abaqeqeshi.
Leli qembu lizimisele ke nokho ukuthola omunye umqeqeshi ngaphambi kokuphela kwale nyanga. IKaizer Chiefs ifisa ukuthola ozovuma ukuebenzisana no-Arthur Zwane.
Yikho lokhu okuyixabanisa noNasreddine Nabi njengoba yena efuna ukuzifikela nabantu bakhe abethembayo nasesebenze nabo phambilini.
IChiefs ifuna uZwane abe ngelinye lamaphini. Kodwa okuvela kamuva wukuthi isingakuguqula lokhu, imbuyisele enkulisa yena.
Nokho noma uZwane engaqhela, kusekhona oDillon Sheppard oyiphini likaZwane no-Aubrey Mathibe ongumqeqeshi wonozinti.
Kuvela ukuthi uNareddine Nabi akanaso isifiso sokubagcina nokuyikho akubanga neKaizer Chiefs nokumvimba ukuthatha lo msebenzi okwamanje.
Kuvela nokuthii leli qembu laseNaturena selivele liqalile nokuxoxa nabanye abaqeqeshi ukwenzela ukuthi uma ligcina lingamtholanga uNabi lingasali lixakekile.
Lo mqeqeshi obekwiYoung Africans, la enze kahle ngendlela emangalisayo, uvele ke uyinyama njengoba emaningi amaqembu amshelayo.
Kumanje kubikwa ukuthi useQatar la enezingxoxo khona nelinye lamaqembu. Abanye bamkhomba eSaudi Arabia.
Yize bekhona abanye exoxa nabo, kodwa kuvela ukuthi iChiefs ifuna yena kakhulu njengoba evele enomlando wokunqoba.
FUNDA NALA: Kucaciswa ekaBongani Khumalo omataniswa nesikhundla soSuthu
Uwine izicoco ezintathu kwaze kwakabili amasizini elandelana neYoung Africans, waphinde wayifaka kowamanqamu kwiCaf Confederation Cup.