EzakamuvaIbhola

UDolly uvula isifuba ngokushiya iChiefs ‘nokuhola u-R1 million’

UKeagan Dolly, okungakapheli isikhathi esingakanani echithwe yiKaizer Chiefs, usevule isifuba sakhe ngokuhamba kwakhe eNaturena nokuthi uyakuqonda okwenzeka.

UDolly uphakathi kwabadlali ezingavuselelwanga izinkontileka zabo kwiChiefs ekupheleni kwesizini edlule. Abanye uSifiso Hlanti noSiyethemba Sithebe, osesemabhukwini eRichards Bay FC.

Lo mdlali uke waziqeqesha neSuperSport United obekulindeleke ukuthi imsayinise. Nokho kubuye kwangenzeka lokho kwavela ukuthi uzanyelwa iqembu phesheya kwezilwandle.

Ekhuluma neSoccer Laduma uDolly uthe ubezinikele ngakho konke kwiChiefs kodwa ukulimala kwamphazamisa kakhulu.

“Lilonke isizini yami yokuqala ngesikhathi ngifika kwiKaizer Chiefs, cisho yimina engashaya amagoli amaningi. Abantu babethi ngikhuluphele futhi angikho fithi ngokwanele,” kusho uDolly.

“Ngicabanga ukuthi leyo sizini yahamba kahle kakhulu ngokwami. Ngajabulela ibhola futhi ngemuva kokubuya eFrance endaweni lapho ngingadlalanga khona kakhulu ngenxa yokulimala. Ngangicabanga ukuthi yisiqalo esisha.”

UDolly akayibambele amagqubu iChiefs ngokuthi ithathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe.

“Ngebhadi angikwazanga ukusiza iqembu uma ubheka lokhu elalikutshalile kimina. Ekugcineni ngangingeke ngilawule ukulimala engangikuthola, kwakuyinto yasenkundleni,” kuqhuba uDolly owake wayibamba kwiMamelodi Sundowns.

“Sahlala phansi nabaphathi bangitshela ukuthi bafunani. Akukho okubi abakwenza kimina, benza ngendlela yabo futhi ngakuqonda lokho. Saxhawulana futhi ngibafisela ukuthi benze kahle kule sizini.”

Uthe amahemuhemu okuthi ubehola u-R1 million ngenyanga, abemlimaza kakhulu.

“Mhlawumbe kwakuwukuqagela nje ngokuthi ngangihola malini kwiChiefs nokuthi ngangingadlali isikhathi esiningi,” kusho uDolly.

“Nakanjani abalandeli babethi ‘buka iqembu likukhokhela imali engaka kodwa awudlali.’ Ngazama ngakho konke ukungabheki ezinkundleni zokuxhumana kodwa lezi zinto zangiphazamisa.

“Ngazama ukulawula lokho engangingakulawula futhi ngangazi ukuthi kwakungeyona le mali ababeyisho. Ngakho ngangingeke ngilawule indlela abantu ababecabanga ngayo ngami.

“Ngenza konke okusemandleni ami kodwa ekugcineni ihaba labezindaba nendlela abazenza ngayo izinto iyamangaza.”