EzakamuvaIbhola

Ivulele izembe iPolokwane kubadlali, wasinda ngokulambisa uMakola

Njabulo Shezi

UMpho Makola usindele amava akhe njengoba iPolokwane City ivulele izembe, yakhomba indlela abadlali ababalelwa eshumini. 

IPolokwane yiyo enyuselwe kwiDStv Premiership ngokunqoba isicoco kwiMotsepe Foundation Championship kule sizini. 

Manje seyiqalile ukwenza izinguquko njengoba ilungiselela isizini ezayo la izobe seyidlale khona esigabeni esiphezulu ebholeni elikhokhelayo kuleli. 

Izindaba zokuthi sekuvulelwe izembe ziqinisekiswe yimenenja yeqembu uTincey Tema kwabe-iDiski Times ngoLwesithathu. 

Akucaci ke ukuthi laba badlali abakhonjwe indlela bebekhona yini ngesikhathi iPolokwane inikezwa indebe nezondondo yi-PSL ngoLwesithathu kusihlwa ngemuva kokunqoba lesi isicoco. 

“Kunabadlali abambalwa esesibakhulile, isizathu wukuthi sifuna ukuphucula iqembu,” kusho uTema. “Sifuna ukuvula izikhala zabadlali abasha a ezayo.”

Kungenzeka ke nokuthi leli qembu alikaqedi ngezembe kubadlali, ngokusho kukaTema. Uthi kusangenzeka kube nabanye abadedelwayo ngokuhamba kwezinsuku. 

“Okwamanje cishe bangu-10 noma 11 kodwa kungenzeka kube nabanye abadliwa yizembe,” kusho uTema. 

IPolokwane izobagcina oMakola noJoseph Mhlongo nabanye abadlali abanamava eqenjini, ngokusho kukaTema. 

“Sizobagcina bona ngenxa yamava abo. Uzokhumbula ukuthi iningi labadlali ebesinabo ngesizini edlule bebesezimfunda makhwela esigabeni esikhokhelayo. 

FUNDA NALA: IRichards Bay isibagxalile abaqeqeshi, isele nowonozinti kuphela

“Yingakho salanda abadlali abafana noMakola ukubaqinisa ukhakhayi. Sijabule ke ngabakwenzile futhi yingakho sizobagcina nje.”