IChiefs izotholana phezulu neMan United
SIHLE NGUBO
Ompetha beDStv Diski Challenge (DDC), iKaizer Chiefs, bazotholana phezulu nezingqungqulu zase-England, iManchester United, njengengxenye yeDDC International Tour, ngenyanga ezayo.
Lokhu kumenyezelwe yiPremier Soccer League (PSL) ngokubambisana neMultichoice, ngoLwesithathu ntambama.
Lesi simemezelo silandela ukuthi Amakhosi enqobe iDDC okokuqala emlandweni, ekuqaleni konyaka, ngemuva kokuhlanganisa amaphuzu angu-70, okuyirekhodi elisha kule ligi.
Njengengxenye yomvuzo wabo, ompetha beDDC bazozivivinya bebhekene neManchester United, iLeeds United, neQueens Park Rangers (QPR) U21 — ohambeni lwezinsuku ezingu-11 lwase-United Kingdom, oluzoqala ngoNovemba 25 lusongwe ngoDisemba 7.
IChiefs izofulathela iNingizimu Afrika ngoNovemba 25, isilibhekise e-United Kingdom, bese ifike eManchester ngosuku olulandelayo, lapho izozinza khona isikhathi esiningi.
Umdlalo wokuqala izowudlala neManchester United ngoLwesihlanu lwangoNovemba 28, bese kulandela umdlalo lapho izobhekana neLeeds United, ngoLwesibili ngoDisemba 2.
Bazobe sebephetha uhambo eLondon ngomdlalo wokugcina lapho bezobhekana neQPR U21, ngoMgqibelo ngoDisemba 6.
Ngaphezu kwakho konke lokhu lolu hambo luzobe lumbandakanya ukuvakashelana ngokushintshana neManchester United kanjalo neLiverpool.
Iqembu lizophinde lithamele umdlalo we-English Premier League phakathi kweLeeds United neChelsea FC. Lizojabulela ukuba seLondon okumbandakanya nokushakavela amahhovisi ePremier League.
Ngesizini ka-2024/2025 Amakhosi akhombise ukuzimisela, eqoqa amaphuzu amqoka nangesikhathi abanye abadlali ababalulekile beseqenjini lesizwe.
Ubudlelwano phakathi kwePSL neMultichoice busaqinile ukuqinisekisa ukukhula emphakathini nokuqhuba kahle ezemidlalo.
“Njengoba iDStv Diski Challenge iqhubeka nokukhula ilokhu imile njengethemba kubadlali abasafufusa,” kusho isitatimende sePSL.
“Ibanika ithuba lokukhombisa ikhono labo ezweni nasemhlabeni jikelele.”

