Uzibona engenambangi ngendodo uRulani Mokwena weDowns
SIHLE NGUBO
URulani Mokwena, oqeqesha iMamelodi Sundowns, uthi uyena okumele anikwe umklomelo womqeqeshi obaqwaqwade bonke emakhanda kule sizini yeDStv Premiership ka-2023/24.
Lo mqeqeshi usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye iStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni wePremiership eKapa, ngoMgqibelo ntambama.
Ukunqoba kweSundowns kusho ukuthi ayiyazi induku emidlalweni yeligi kule sizini. Seyidlale imidlalo engu-51, kusuka ngesizini edlule, ingakaze ishaywe kweyeligi.
Empeleni selokhu kwathatha uMokwena njengenhloko yabaqeqeshi kuBafana Ba’Style, iqembu alikaze lishaywe emidlalweni yeligi.
Kule sizini iSundowns isihlanganise amaphuzu angu-72, okuyirekhodi elisha lamaphuzu amaningi ngesizini eyodwa.
Mhlawumbe ngeke agxekwe kakhulu uRulani Mokwena ngokuthi azisholo yena ukuthi uyena umqeqeshi ohamba phambili kwiPremiership kule sizini.
“Umqeqeshi ovelele kungaba yimina, yilokho engikucabangayo,” kusho uMokwena.
“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi ovelele kumele kube yilowo onqobe isicoco seligi.
“Ngaphandle kokuzwakala sengathi ngiyazitshela, umqeqeshi ovelele ngokwami kufanele kube yimina.”
URulani Mokwena uvele usewutholile umklomelo womqeqeshi ovelele ngesikhathi kunemiklomelo yeCosafa emasontweni edlule, eGoli.
Lo mqeqeshi usenqobe i-African Football League (AFL) nesicoco seligi, kanti uphume kweyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
FUNDA NALA: U-Itu Khune ucacisa ngokuzokwenzeka ngaye kwiChiefs
Ubheke ukusonga isizini ngokuqukula iNedbank Cup, lapho iqembu lakhe lizobhekana ne-Orlando Pirates eMbombela Stadium, ngoJuni 1.