IKaizer Chiefs iyakhuculula, uNange ngowesibili ukukhonjwa indlela
Sbongs Gumbi
UPhathutshedzo Nange usebe ngowokuqala ukukhonjwa indlela ngesikhathi abadlali beKaizer Chiefs bebuyela ekomkhulu leqembu ukuzoqala amalungiselelo esizini entsha.
IKaizer Chiefs ibuyele eNaturena ngoLwesine ekuseni kanti ukuhamba kukaNange kumenyezelwe ngawo uLwesine ntambama.
Ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, iKaizer Chiefs yamemezela ukuthi u-Erick Mathoho, obesehlale iminyaka engu-11, ngeke esabuya kuleli qembu.
UNange, oneminyaka engu-31, yena ubesahlale iminyaka emibili kwiChiefs njengoba esephelelwa yinkontileka nje.
“UPhathutshedzo Nange usekhululiwe yiqembu njengoba inkontileka yakhe iphela. Usayine kuMakhosi esuka kwiStellenbosch FC ngoJulayi ka-2021.
“UNange udlale imidlalo engu-31 washaya amagoli amabili kuyo yonke imiqhudelwano. Iqembu limfisela okuhle,” ibhale kanje iChiefs ngalo mdlali.
Nokho kulindeleke iKaizer Chiefs iqhubeke nokudedela abanye abadlali njengoba ikhuculula ukuze ilande abadlali abasha.
Izinkomba zithi noCole Alexander, Njabulo Ngcobo, George Matlou, noCaleb Bimenyimana, basendleleni ephumayo eNaturena.
Ngeviki elidlule imemezele ukuthi noSiyabonga Ngezana uyahamba njengoba edayiselwe iqembu laseRomania iFC SB.
Leli qembu kulindelwe limemezele nabadlali abasha okukhona kubo izitobha ezimbili oGiven Msimango noThatayaone Dithlokwe.
FUNDA NALA: Petersen: Abasekho abadlali abaheha abalandeli ebholeni lakuleli
Kodwa njengoba kuqhutshekwa kwenziwa izinguquko, kunezinkulumo zokuthi ishela umqeqeshi waseTunisia uNasreddine Nabi.