Kuneqembu lePremiership elicathamela abadlali beMilford
UNkululeko Buthelezi, ongumqeqeshi weMilfod FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship useveze ukuthi kuneqemu elidlala kwiDStv Premiership elibamise kabi.
Uthi leli qembu – okuyiTS Galaxy – libaxinile njengoba lifuna abadlali abane kodwa athe ngeke akwazi ukubadalula okwamanje.
FUNDA NALA: Iyithuba lokugcina kubasubathi iPrince Mangosuthu
Kuvela ukuthi iGalaxy sekuvele kunesikhathi ibabheka laba badlali, kanti ichazeke kakhulu ngabo ngemuva komdlalo wayo neKzier Chiefs.
IMilfod yadlala ibhola elihle futhi yaze yagcina iyiguqisile iChiefs sekukhahlelwa amaphenathi emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup.
Into ekhathaza uButhelezi wukuthi kumele bazame ukufihlela laba bafana ukuthi bahalelwa yiqembu elisesigabeni esiphezulu ngoba lokhu kungabaphazamisa.
Phela iMilford ibheke ukuthi iqhubeke nokugila izimanga kule ndebe njengoba izobhekana neStellenbosch FC ngoLwesihlanu ebusuku.
UButhelezi utshele abezindaba ukuthi banalo iqhinga lokucoboshisa labompetha beCarling Knockout Cup.

