EzakamuvaIbhola

UBobby usola abalandeli ngokupheka bethulula

IKaizer Chiefs isifana nomuntu opheka ibhodwe elingavuthwa muva nje, kanti isikhulu saleli qembu, uBobby Motaung usola abalandeli ngalokhu.

IChiefs isanda kuzakhela umlando omubi wokushintshashintsha abaqeqeshi muva nje, isizenza saChippa United. 

Muva nje uMolefi Ntseki ube ngumqeqesshi wokuqala ukungaqedi ngisho izinyanga ezintathu ecija leli qembu. 

Lo mqeqeshi ubeqashwe kuqala isizini, kodwa ukhonjwe indlela ngo-Okthoba ngoba abalandeli sebemlwisa, bethi abasamfuni. 

Endaweni kaNtseki kungene uCavin Johnson osabambile okwamanje ngesikhathi abaphathi besacinga omunye umqeqeshi. 

UBobby Motaung, oyimenenja kuleli qembu likayise, uthi abalandeli abasenaso isineke, okwenza bashintshe abaqeqeshi njalo. 

“Konke kungenxa yesineke nokuhlela,” usho kanje uBobby ekhuluma nabeSABC Sport muva nje. 

“Ingcindezi le sinayo manje, ngenxa yendlela abantu abacabanga ngayo, abantu abasenaso nhlobo isineke. 

“Angazi ukuthi lokhu kuyinto evelaphi. Abalandeli beChiefs besibazi ngokuba nesineke.

“Kodwa manje basijikele esikhaleni nje, sesinenkinga yengcindezi, bafuna izinto zenzeke manje. 

“Abanye bethu banesineke, abanye bethu banombono abawulandelayo. Kodwa lowo mbono ungasebenza kuphela uma kubanjiswene.”

Uthe ngisho uyise, uKaizer Motaung usanombono wokukhulisa iqembu yize selineminyaka engaphezu kuka-53 lasungulwa. 

“Njengoba nosihlalo ebesho nje ngombono wakhe wokukhulisa iqembu – ngemuva kweminyaka engu-53, usenawo lowo mbono. 

“Kodwa ke kuzoba namagwingcigwingci, kubuye kuhambe kahle kwesinye isikhathi, kokunye kubhede kakhulu. 

“Ngisho naphambilini, besihlulwa noma sinabadlali abaphezulu. Ngisho ngesikhathi soDoctor Khumalo kukhona amasizini ayephela singanqobanga lutho. 

FUNDA NALA: IChiefs ihlela ukuqinisa phambili ngomgadli waseDR Congo

“Kodwa sakwazi ukuqinisela, sabheka phambili sakha kabusha,” kuchaza uBobby Motaung.